KUNEZINGXOXO zokuthi uMasipala waseThekwini, ufakwe ngaphansi kweso lomlawuli ngenxa yokwehluleka kwawo ukuhlinzekela imiphakathi ngezidingo.
Lokhu kuqukwethwe emibikweni eyethulwe emihlanganweni ebihlanganisa iminyango kahulumeni eyehlukene.
Umbiko wokugcina wethulwe emhlanganweni obuhlanganisa izikhulu zoMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu nezoMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu.
Umbiko obonwe yiSolezwe, uphakamisa ukuthi uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ungenelele ophikweni lwezokuHlaliswa kwaBantu eThekwini. Umbiko uthi lokhu kungenxa yokugqoza kohlelo lokwakhiwa kwezindlu ngaphansi komkhandlu.
Ngokombiko, umkhandlu uyehluleka ukusebenzisa imali owabelwe yona ukuthi ulungise umonakalo odalwe yizikhukhula.
"Emhlanganweni uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu wethule umbiko mayelana nezinkinga ezikhona eThekwini, okubalwa ukungabi khona kokubambisana, ukungasetshenziswa kwemali nokungalandelwa komthetho ekusetshenzisweni kwemali yokulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula."
Umbiko wengenza ngokuthi emhlanganweni kwacutshungulwa ukuthi yiziphi izinyathelo zomthetho okufanele zilandelwe ukuze umkhandlu ufakwe ngaphansi kweso lomlawuli.
"Kwabe sekwakhiwa ithimba elijutshwe ukuba libheke zonke izinkinga ezibhekene nomasipala waseThekwini, nokuthi yiziphi izinyathelo okufanele zilandelwe ekufakeni umasipala ngaphansi kweso lomlawuli."
Lo mbiko uphetha ngokuthi kusalungiswa umbiko ozothunyelwa esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, okuyiso esizonquma ukuthi ngabe kufanele ngempela yini umkhandlu ufakwe ngaphansi kweso lomlawuli.
Omunye umbiko uphakamisa ukuthi kuthunyelwe ngokushesha izikhulu eziqhamuka eMnyangweni kaMgcinimafa kuzwelonke nasesifundazweni, uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal nakuzwelonke, naseMnyangweni wezaManzi neNhlanzeko.
Inhloso yokuhambela kwezikhulu zeminyango ehlukene ngukuyohlola izinkinga ezimayelana nokuhanjiswa kwamanzi nokuthuthwa kwendle ngaphansi kwalo masipala.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke, uMnuz Mlungisi Mtshali, akazange ayiphendule imibuzo ayithunyelwe kanti nocingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Okhulumela umnyango KwaZulu-Natal, uMnuz Senzelwe Mzila, uthe kabanalo ulwazi ngalolu daba.Kanjalo nokhulumela uMasipala waseThekwini, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe bebengakezwa ngalokhu okuhlongozwayo.
UMayisela uphendule kanje: “Thina sazi ukuthi umkhandlu usebenza ngendlela okuyiyo, nengeke iholele ekutheni ufakwe ngaphansi kweso lomlawuli."
Okhulumela uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Mlungisi Khumalo, uyalele ukuthi yonke imibuzo ibhekiswe emnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu.