INGASE igcine ezinkantolo eyamalungu ebhodi iNgonyama Trust, emuva kwezinsolo zenkohlakalo.
UDkt Thandiwe Dlamini ilungu lebhodi elingamiswanga yiSilo namalungu “amiswa” angase agcine ngokuyisana ezinkantolo ngezinsolo ezenziwe nguDkt Dlamini, zenkohlakalo.
UDkt Dlamini wasola amanye amalungu ebhodi ngenkohlakalo nokungaphathi ngendlela ngesikhathi ekhuluma emhlanganweni obubizwe yiSilo, eMashobeni, ngoLwesihlanu.
Sikhuluma ne-Independent Media, isikhulu esiphezulu sebhodi uMnuz Vela Mngwengwe, sithe ibhodi lizohlangana maduzane lapho lizophendula ngezinsolo zikaDkt Dlamini.
Akazange ayichithe eyokuthi bangase bathathe nezinyathelo zomthetho, ngezinto azisho.
“Sizohlangana sibheke izinsolo azisho, asikwazi okwamanje ukuqagela ukuthi sizowuthatha yini umgudu wezomthetho. Izinsolo zakhe zidicilela phansi isithunzi,” usho kanje.
ISilo sachithwa ekumiseni la malungu ebhodi njengoba amandla kwathiwa akungqongqoshe wezoMhlaba.
UDkt Dlamini uthe amanye amalungu ebhodi, asola iMbube ngokuthi yaziqokela ekubeni usihlalo webhodi ngoba ifuna ukuthatha ngozwane ekubeni kungamalungu ebhodi anecala lokweba.
Uphinde wathi amalungu asola iMbube ngokudayisela umngani ipulazi lesikhwama eliseMhlali.
UDkt Dlamini udalule igama likaMngwengwe nobhekele izezimali uSiyamdumisa Vilakazi, njengabachitha ubuholi beSilo. Wengeze ngokuthi laba bagodla imibiko yezezimali, kanti uVilakazi waqashwa kungafanele.
UDkt Dlamini uveze nokuthi isikhulu esiphezulu safuna imali engu-R1 million yokwenza olunye uhlelo, kwathi obhekele izezimali wafuna u-R600 000, ngaphandle kokwazisa iSilo.
“Inkohlakalo eyayenzeka, iSilo kumele sivule amacala,” kusho uDkt Dlamini.
UDkt Dlamini ukhale ngokuthi noma ayengahambisani nezinye izinto kodwa babemchitha ngevoti abaseka uMngwengwe noVilakazi.
Usengaphansi kweso labaqaphi uDkt Dlamini emva kokuba iSilo sicele ukuthi ahlinzekwe ngonogada emuva kokuveza inkohlakalo eyenzeka kwibhodi, waphinde wadalula amagama abantu esidlangalaleni.
* Ezinye ngeNgonyama Trust ekhasini 8.