SESIPHELILE isikhathi sokuthi umuntu wesifazane ukhuliselwa ukuthi agane nakho okugcina kumdalela izinkinga zokuthi kunabantu abacabanga ukuthi ukulobola kusho ukuthenga.
Lokhu kushiwo iPhini likaNgqongqoshe wezokuThutha, uMnuz Mkhuleko Hlengwa ngesikhathi ekhuluma emhlanganweni wokubonisana nokubheka indima eklanywe umunxa wamabhanoyi ekuqinisekiseni ukulingana ngokobulili emisebenzini ekhona kulo mkhakha, iNational Aviation Gender Summit, ebiseThekwini.
Uthe lo mhlangano uyingxenye yokuqhubeka nomkhankaso wokulinganisa abesifazane nabesilisa kulo mkhakha owaqala ngo-2018, ngesikhathi lolu phiko luqala ukuba nesigcawu esinjengalesi.
"Kulo mhlangano sizobheka ukuthi iziphi ezinye izindlela esingazenza ukuze siqhubeke nomgqigqo omuhle. NgokweWorld Economic Forum kungathatha iminyaka engu-102 ukuthi sikwazi ukuvala igebe elikhona phakathi kwabantu besifazane nabesilisa. Yize kunocwaningo olunjalo thina sibheka ukuthi yini esingayenza ezokwenza ukuthi sisheshe sifinyelele lapho kumele sifike khona. Siyabonga ukuthi kulolu phiko kuningi osekwenziwe njengoba sibona abantu besifazane bebaningi ezikhundleni zokuphatha, ukuze kuphume lokhu kucabanga ukuthi kunemisebenzi ethile abesifazane abangayenza. Ezinye zezindlela zokucabanga ziholela ekutheni abantu besifazane bagcine sebehlukumezeka ngenxa yelobolo," kusho uHlengwa.
UNkk Poppy Khoza owumqondisi wesikhungo esilawula amabhanoyi, iCivil Aviation Authority, uthe sekusele iminyaka eyisithupha ngaphambi kokuthi kufike u2030 lesi sikhungo esizibekele ukuthi ngawo abesifazane abasezikhundleni babe sebelingana nabesilisa kube u50/50.
"Senza kahle uma ubheka ukuthi lesi sikhungo sineminyaka engu-28 kuphela. Uma sikwaze ukushintsha izinto ngale minyaka, iminyaka engu-102 iyofika kade salungisa," kusho uNkk Khoza.
Uthe abesifazane abanamalayisensi okushayela amabhanoyi bangu-1 590 kwabesilisa abangu-11 000. U-45% wabesifazane abasezikhundleni zokuphatha, ophikweni olubhekele ukugcinwa komthetho uthe bangu-37.1% , abaphethe ebhodini lokuphatha kulesi sikhungo bangu-52%.
Uthe ngokubona kwakhe enye inselelo ekhona ukuthi umuntu uma ecabanga wona ucabanga ukushayela ibhanoyi kanti ziningi izinto ezikhona ezingahambisana nomkhakha awufundele okungadingeka ukuthi ashintshe kancane abhekele wona.
“ Uma uwummeli uyakwazi ukwengeza ngezifundo ezithile ukuze ubhekele amabhanoyi kanjalo neminye imikhakha. Okudingeka ukuthi abantu besifazane bakwenze ukufunda izifundo ezilingana nephakethe labo. Ngiye ngithi uma ukwazi ukukhokha imali yokugibela ungakwazi ukufundela ikhono elithile elingakungenisa kulo mkhakha,” kusho uNkk Khoza.