BAKHALA ngesimo senhlalo abesifazane abahlala ezindaweni zesikhashana ngemuva kokukhahlanyezwa izikhukhula ngo-Ephreli nonyaka.
Abesifazane bebehlangene nephini likaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNkk Hendrietta Bogopane-Zulu eValley View eSydenham.
Omunye wabakhahlamezeka uNksz Nosipho Mtshali (35) waseReservoir Hills, uthe isimo senhlalo yomndeni wakhe sibi kakhulu njengoba ephila nokukhubazeka futhi ehamba ngezinduku.
Uthe waphinde walahlekelwa inkulisa yakhe eyayinakekela izingane ezingu-30.
Uthe ngemuva kokuba indlu yakhe ikhukhulwe yizikhukhula waphoqeleka ukuthi athuthele eTruro Hall eWestville, nalapho behlala ngokuhlukana nomndeni wakhe.
“Kunzima kakhulu lapho esihlezi khona ngoba yonke into edayisayo iyabiza kanti iningi lethu alisebenzi. Okungiphatha kabuhlungu ukuthi asiphelele amanye amalungu omndeni ahlala kwezinye izindawo ngoba sibaningi kakhulu futhi sasingeke sihlale endaweni eyodwa sonke,” kuchaza uNksz Mtshali.
Uthe ukuhlala kuleli hholo kumudla kakhulu ephaketheni njengoba engumuntu ohamba umtholampilo njalo ngenyanga ngakho uyaye aphoqeleke ukuthi asebenzise i-uber ukuze aye khona.
“Yize ngilana eWestville ngisahamba umtholampilo waseReservior ngakho ngikhokhela imoto njalo ngenyanga ukuya nokubuya, lokho kumosha nemali evele ingekho kanti ngiyasaba ukuthi kuzofika iskhathi lapho ngingeke ngikwazi ukukhokha ngigcine ngingayanga, lokho kuzoba nomthelela omubi empilweni yami,” kuchaza uNksz Mtshali.
UNkk Phumelele Mkhize waseTerrace Park (80) uthe abusafiki nobuthongo ngoba selokhu abekwa ehholo laseYellow Wood Park, akukho okuthembisayo ukuthi kuzolunga futhi nasemndenini akekho umuntu osebenzayo.
“Kunzima kasihlezi kahle sibaningi kanti nendawo esihlezi kuyona incane futhi umuntu akakwazi nokukhululeka. Ngiyafisa ukuthi noma ngifa ngishiye izingane zami zinendawo eziyibiza ngekhaya ngakho ngingajabula kakhulu uma kungase kube khona usizo oluvela kuhulumeni esilutholayo,” kuchaza uNkk Mkhize.
Uthe kunzima lapho behlezi khona futhi izingane zihamba zingadlile ngisho ziya esikoleni ngoba ukudla akukho.
UNkk Bogopane-Zulu, uthe umnyango uyazizwa izikhalo zabesifazane kanti njengoba bebalethe kule ndawo, abaqondile ukuvusa amanxeba kodwa ukulalela izikhalo zabo ukuze bathole usizo.
“Inhloso yale ngxoxo ukuthi abesifazane bazi ukuthi akusikhona ukuthi balahliwe kodwa umnyango usezinhlelweni zokuthi bathole uxhaso nosizo baphinde bazi ukuthi bayathandwa,” kuchaza uNkk Bogopane-Zulu.
Uthe umnyango uzizwile izkhalo zabesifazane futhi uzozisukumela wathi kuzophela u-2022 sekucaca ngezindawo zabo zokuhlala.