ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sithi sisazoqhubeka nokushaya ngamafishane uma sikhuluma nesizwe.
Sikusho lokhu ngesikhathi sikhuluma eMkhosini waMaganu, obusesigodlweni eMachobeni, ngoMgqibelo.
Kulo mkhosi iSilo siphinde sakhuluma imizuzu engaphezudlwana kweyishumi.
Nangeledlule iSilo sakhuluma isikhathi esingaphezudlwana kwemizuzu eyishumi ngesikhathi sivula ngokusemthethweni isiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
Lokhu kwaholelela ekutheni kube namaqembu ezepolitiki aphakamisa ukuthi umcimbi wokuvulwa kwesiShayamthetho ube usuku olulodwa.
Lama qembu akhala ngokuthi iningi imali emosheka ngokuthi umcimbi ube izinsuku ezimbili.
ISilo sitshele abebehambe umcimbi wangempelasonto ukuthi asisiboni isidingo sokuthi sikhulume isikhathi eside ngoba iSilo esesakhothama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, sakhuluma kwanela.
“Angithandi nina beSilo ukwanda kakhulu ngamagama. Ngiyaye ngithi ubaba wami, uMdlokombane, kwakushona ilanga ekhuluma nani. Wakhuluma kwanela. Asikho isidingo sokuthi ngikhulume nani, ngizolokhu nginikhumbuza nje ukuthi wathini.”
Enkulumweni yaso iSilo sibonge amakhosi, izinhlaka zikahulumeni, nabanye abenze ukuthi umcimbi ube impumelelo.
Isiphakamiso sokuthi umcimbi wokuvulwa kwesiShayamthetho ube usuku olulodwa uqhubekile nokususa umsindo ngesikhathi kuqhubeka umcimbi.
Undunankulu kaZulu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uphume iqhubu nosihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, emsola ngokuphusha umkhankaso wokuthi iSilo singabe sisasivula isiShayamthetho.
UMncwango watshela abezindaba ukuthi asikho isidingo sokuthi umcimbi ube izinsuku ezimbili.
Waphakamisa ukuthi iSilo asifike sikhulume ekuseni, bese emini kukhuluma undunankulu wesifundazwe.
UButhelezi uthe abantu abaningi bakhombisa ukuyithakasela inkulumo yeSilo, wathi kwamumangaza ukuzwa uMncwango egxeka.
“Kuyamangaza ukuthi lapha kwithelevishini nasemaphepheni nina beSilo bese kukhuluma uMnuz Zwakele Mncwango weqembu i-ActionSA, ethi akuvalwe ukuthi iSilo sivule iPhalamende. Ngabe sengimangala, ngazibuza ukuthi uMncwango ungubani ukuba angavala iSilo ukuba sizovula isiShayamthetho.
“Abamjwayele uMncwango abasondele kuye, bakhulume kahle naye eduze bamtshele ukuthi zikhona izindaba ezinkulu kunaye, okungafanele azikhulume. Kuyini ukuthi athi iNgonyama ayivalwe, athi kumoshwa imali?”
UMncwango ubize isithangami nabezindaba namhlanje lapho ezoziphendulela khona.