ISILO samabandla, uGoodwill Zwelithini, sikhwele sadilika ezinkabini ezibulala abantu sathi kumele zibe namahloni ngomsebenzi wazo.
Sithula inkulumo yaso ngesikhathi sivula ngokusemthethweni isiShayamthetho saKwaZulu-Natal eMgungundlovu izolo, Isilo sithe lokhu okwenziwa yilaba bantu imigilingwane engamukeleki.
“Uzwe kuthiwa umgulukudu owumbulali, inkabi kusetshenziswa igama lesilwane esiwusizo, izinkabi kuyalinywa ngazo uyamangala ukuthi uma umuntu esebizwa ngenkabi usuke wathenwa nini?” kusho iSilo.
Imbube ithe akuzwakali ukuthi indoda izele inezingane isibizwa ngenkabi.
Idonse ngendlebe amalungu esiShayamthetho yathi umphakathi uwakhethe ukuthi azosebenza.
“Uma ngibheka kukhethwe abantu abasha. Kumele nikhuthale nisebenzele abantu. Okwami ukuthi nginibheke ukuthi nisebenze ngendlela yini, yize noma nginibhekile kodwa akumele nginibambe ngobhongwane,” kusho imbube.
Ithe amalungu esiShayamathetho kumele azi ukuthi yona ingowokuqala ukuvikela amalungelo ezakhamizi.
ISilo sithe kubalulekile ukusebenzisana phakathi kwendlu yobukhosi nohulumeni uma inhloso kuwukwakha isifundazwe esiphumelelayo.
“Njengoba niqala ukusebenza kwenu nje sonke silindele ukuba izolo lingafani nenamuhla.
Kithi ningamalungu ahloniphekile sekuyoba yini enizimoshelayo ngokwenza lokho eningathunywanga khona ngabantu. Ekunivoteleni kwabo, abantu bakubeke kwacaca ukuthi bafunani nokuthi balindeleni. Bafuna ubuholi obuqotho, bafuna amalungelo abo njengokulandisa koMthethosisekelo futhi bafuna ukuthula ezweni. Ngigcizelela lelo lamalungelo akuMthethosisekelo ngoba ikhona ingozi yokucabanga ukuthi uma kukhona enikwenzela umphakathi kusuke kuyisihe,” kusho iSilo.
Sithe badinga abaholi abaqotho emphakathini abangeke basebenzise izidingo zabantu ukufeza izinhloso zabo.
“Sidinga abaholi abazokwazi ukuqinisekisa ukuthi izikole zethu aziphenduki imihhume yabaphangi, amadele lapho kuhlinzwa khona othisha nabafundi. Sidinga abaholi abazokwazi ukuvikela ingane yentombazane,” kusho Ongangezwelakhe.
ISilo sithe ngabe asikhulumi iqiniso uma singakhulumi okufanayo ezinhlakeni zoBukhosi esiyinhloko yazo.
“Nakhona sidinga ubuqotho ekuphatheni abantu. Izinkulumo esizizwayo ngamakhosi nezinduna okuthiwa zihlukumeza abantu kakhulu besifazane zilichilo kimi nakuZulu wonkana. Lokhu kwandisa imfundiso ze ngathi Zulu ethi abesifazane laba esibathanda nesibahlonipha kangaka asibahloniphi kunalokho siyabahlukumeza,” kusho Imbube.
Ithe iyavuma ukuthi bakhona abantu abahlukumeza abesifazane, yengeza ngokuthi abenza lokho bayizinswelaboya.
ISilo sithe amalungu esiShayamathetho amanje aqokwe esikhathini esinzima ezweni lapho isimo somnotho sisibi kakhulu. “Isimo esibhekene naso kasidingi ipolitiki yamaqembu kepha sidinga ukusebenzisana kwamaqembu nezinye izinhlaka zikahulumeni. Izwe lethu lifuna izimpendulo,” kusho iSilo.