LIGIXABEZWE ngoR30 million, ihhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, ukuze likwazi ukukhokhela izindleko zamacala abhekene neSilo samaZulu, uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
Lokhu kumenyezelwe nguNgqongqoshe obhekele izimali esifundazweni uNkk Peggy Nkonyeni, ngesikhathi ethula isabelomali esibuyekeziwe salo nyaka esiShayamthetho sesifundazwe.
Ememezela iminyango ethole imali kulesi sabelo, uthe leli hhovisi okuyilona elabela iNgonyama inkece, linikwe le mali ukuze isize ezindlekweni zamacala.
“Ihhovisi labelwe uR30 million wezindleko zamacala zeSilo.”
Uthe kudingeke babheke izinto eziningi ngaphambi kokwaba imali njengoba neminyango eminingi ikhala ngokuncishiselwa isabelomali.
Kuzokhumbuleka ukuthi iNkantolo eNkulu ePitoli isigodlile isinqumo ecaleni elithinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
Ijaji Norman Davis layalela izinhlangothi ezintathu ezithinteka kulo mbango, ukuthi ziphinde zifake amanye amaphepha.
Leli cala liphonsela inselelo isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa, sokuvuma ukuqokwa kweSilo.
Kuleli cala kuhlanganiswe izicelo ezimbili, esikaMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini nesikaMntwana uMbonisi kaBhekuzulu. Bobabili bakhala ngokuthi akuzange kulandelwe imigomo ngesikhathi kuqokwa iSilo.
UDavis wathi isisindo secala sidinga ukuba acubungule bonke ubufakazi obuphambi kwakhe ngaphambi kokuthi ahlulele.
UNkk Nkonyeni uveze ukuthi isiShayamthetho sinikwe uR60.1 million, wathi uR7.4 million kule mali uzosetshenziselwa izinhlelo zokukhokhela ukunyuswa kwemiholo.
Ubalule neminye iminyango ehlomulile okubalwa owezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, othole uR2.5 million, okuyimali eyayivela kwi-African Union yokusiza ngesikhathi sezikhukhula zangonyaka odlule.
“Le mali yayabelwe iHhovisi likaNdunankulu kodwa kwaphela unyaka ingasebenzanga kwase kuphakanyiswa ukuthi iyiswe emnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana ukuze ubhekane nezinhlelo zokuhlinzeka ngamanzi kulabo abakhahlanyezwa yizikhukhula.”
UMnyango wezokuThutha uthole uR130 million, wokusiza kwehlise umthwalo ohlelweni lokuthuthwa kwabafundi abaya ezikoleni.
Le mali izosiza nasezindlekweni ezithinta ukunyuka kukaphethroli nodizili.
Kulesi sabelo kugqanyiswe izinselelo ezibhekene neminyango kahulumeni mayelana nokunyuswa kwamaholo abasebenzi ekubeni ingekho imali evela kuMgcinimafa.
Le minyango kudingeka yenze izaba ukuze ihlangabezane nalokhu kunyuswa kwalawa maholo abasebenzi, ithathe kwezinye izinhlelo.
Amanye amalungu esiShayamthetho okubalwa i-DA akhale ngokuthi awazange ayikakanye ngokwanele eyalesi sabelo ngoba isikhathi sincane ngakho ngeke aseseke.
Noma kunjalo adliwe yivoti njengoba iningi lihambisane nalesi sabelo.