ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, sifuna sichithwe isicelo sikaNdlunkulu uNtokozo Mayisela Zulu, sokuba kuvinjwe umgcagco waso ozokuba ngempelasonto.
INdlulamithi yamakhosi ithe isicelo sikaNdlunkulu uKaMayisela asiphuthumi.
IMbube ikusho lokhu emaphepheni ewafake eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, lapho kulalelwe khona isicelo sikaNdlunkulu uKaMayisela.
Iqhuba emaphepheni asenkantolo, iMbube ithe uNdlunkulu uKaMayisela akanabo ubufakazi bokuthi izogcagcelwa uNdlunkulu uNomzamo Myeni ngeSonto.
IMbube ithe ayikaze ilumemezele udwendwe.
Umgcagco weMbube wamenyezelwa ngobeyikhulumela, uMntwana uSimphiwe Zulu.
Kepha iMbube ithe yona ayazi lutho ngalokhu, yathi yona kade isemgonqweni njengoba bekuqhubeka uMkhosi woSelwa.
Icala liyaqhubeka enkantolo.