NKOSIKHONA CELE
SIKHULU isililo ngokudlula emhlabeni koMfundisi obephinde abe ngusomabhizinisi owaziwayo, uMfu Vusi Erick Mkhungo (64).
UMkhungo ongowaseMthwalume, ngaphambilini wayekade engumholi webandla i-New Power Ministry kodwa ugcine esejoyine ibandla i-Family Worship Centre ekwa-E, eMlaza, eholwa nguMphostoli Mbambo.
Uzakhele olukhulu udumo ngokulekelela abantulayo ngezindlela ezahlukene. Ubephinde aziwe ngokufundisa abantu ngezamabhizinisi.
Kuvele ukuthi uMkhungo ushone engazange agule, esemzini wakhe eMthwalume.
UMengameli webandla i-Gadner Mvuyana African Congregational Church, uMfu Bonginkosi Ngcobo ongumngani omkhulu kamufi, uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngomshophi owehlile.
Uchaze uMkhungo njengoMfundisi obemazisa kakhulu uNkulunkulu futhi ekuthanda ukukhuleka. Uthe kuyena bafunde ukuthi kumqoka kangakanani ukuthanda abantu nokuthanda uNkulunkulu.
"Silimele kakhulu ngokudlula emhlabeni kukaMkhungo. Ubeyindoda ebimazisa kakhulu uNkulunkulu. Ubengenza noma yini inqobo nje uma imayelana noNkulunkulu,’’ usho kanje.
Umncomile wathi uyibekile induku ebandla ebandleni likaNkulunkulu kanjalo nasemabhizinisini ehlukene abekade enawo.
Indodakazi kamufi uNksz Lihle Mkhungo ithe bagqekeme udume lwengozi, yathi lo mshophi ubehle ngaphezulu bengawulindele nje nhlobo.
UNksz Mkhungo uthe uyise ubemthanda kakhulu uNkulunkulu kodwa futhi esemnkantshubovu kakhulu kwezamabhizinisi.
"Kuyinto ebuhlungu ukushiywa ngubaba emhlabeni. Kodwa siyambonga kakhulu uNkulunkulu ngokusiboleka umuntu onjengaye,'' usho kanje.
Uthe bancele kogwansile kuyise ikakhulukazi uma kukhulunywa ngezamabhizinisi.
Kafishane ngoMfu Mkhungu, ubengusihlalo wenkampani iMoyeni Engineering ebiphakela ngezinsimbi izinkampani ezahlukene okufaka kuzona iToyota, Lovu Sugar, Mondi Paper nezinye eziningi.