NAKUBA kunongabazane kwezomnotho emhlabeni ngenxa yemithetho engase ishaywe nguMengameli wase-USA, uMnuz Donald Trump, kodwa osomnotho bagcwele ithemba lokuthi izokwehla ngo-25 basis point imalimboleko kule nyanga.
Isikhulu esiphezulu se-Debt Rescue SA, uMnuz Neil Roets, sithe nokho ukukhathazeka kumele kube khona ngokuthi kungabe indlela uTrump azophatha ngayo izoba nomthelela onjani futhi ongakanani ngesinqumo esizothathwa ngenzalo yemalimboleko.
“Nakuba iBhange loMbuso lithatha izinqumo zalo ngokubheka izimo zomnotho wezwe, kepha izinto ezenzeka kwamanye amazwe omhlaba nazo ziba nomthelela kulokhu,” usho kanje.
Uqhube wathi izimiso zikaTrump zokuthi kuhwetshelwane kanjani namazwe omhlaba kungenzeka zithikameze indlela okuhwetshelwana ngayo emhlabeni, kwenze umnotho ungakhuli ngokushesha, futhi kungenza nokuthi inyuke kakhulu intengo yezinto nemikhiqizo ehlukene ezindaweni ezehlukene.
“Konke lokho kungaba nomthelela ezimakethe zaseNingizimu Afrika, okungenza ukuthi iBhange loMbuso licophelele kakhulu indlela elithatha ngayo izinqumo ezithinta imali. Okwamanje, ukwehla nokwenyuka kwamandla emali kusahamba kahle ezweni, futhi kusahambisana nokuhlelwe yiBhange loMbuso njengoba kuphakathi kuka-3% kuya ku-6%, okungasho ukuthi kunethuba lokuthi kuphinde kwehle imalimboleko futhi nonyaka,” usho kanje.
URoets uthe i-Bloomberg Economics iqagela ukuthi kungenzeka sibone kwehla imalimboleko ngo-50 basis point ngoMashi. Nokho iBhange loMbuso likubeke kwacaca ukuthi isinqumo salo sizoncika ezintweni eziningi zokwenzeka emhlabeni jikelele, kubalwa nokusebenza kwemithetho kaTrump.
Isikhulu sophiko lokutshalwa kwemali e-Anchor Capital, uMnuz Nolan Wapenaar, sithe babheke ukuthi imalimboleko yehle kathathu ngo-25 basis point kulo nyaka, okokuqala akuchaze ngokuthi ngokuzoguqula izinto ingakapheli le nyanga.
“Sicabanga ukuthi iBhange loMbuso alizukukunaka kangako okwenziwa wuTrump, nokho kubhekeke ukuthi liqaphe ngeso lokhozi okuzokwenzeka kwi-US Federal Reserve,” usho kanje.
USolwazi Raymond Parsons wophiko lwezomnotho eNorth West University Business School, uthe imithetho kaTrump isidale ukuthi kungacaci ukuthi izinto zizokwenzeka kanjani ezimakethe.
Usomnotho omkhulu we-Old Mutual Group uMnuz Johann Els uthe ukunqoba kukaTrump okhethweni obelungoNovemba kudale izinxushunxushu eziningi kwezomnotho.
“Imithetho kaTrump ingase iholele kwingcindezi yokwehla nokwenyuka kwamandla emali, okungenza ukuthi i-Federal Reserve ibe manqika ukwehlisa inzalo kakhulu,” usho kanje.