SIKHULU isililo ngokubhubha kwamalungu e-ANC, ashone engozini yomgwaqo ephuma engqungqutheleni yokukhetha ubuholi benhlangano.
Amalungu e-ANC aphuma ngaphansi kwesifunda iMzala Nxumalo, ehlelwe ingozi yemoto ngoLwesibili ebusuku eVryheid, ngosuku okusongwe ngalo ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC.
Kushone ikhansela ebelingaphansi kukaMasipala wasebaQulusini kuWard 12, uNkk Nkosikhona Mdlalose, noMnuz Mpendulo Khumalo, obeshayela ngesikhathi kwehla ingozi. Kulimale kabi ilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC esifundeni, iMzala Nxumalo.
UNkk Mdlalose ubebuye abe ilungu lesigungu esiphezulu emkhandlwini, futhi engusihlalo we-ANC Women’s League ngaphansi kweMzala Nxumalo. Ubeyisithunywa ebesiqokwe ukuba siyolimela igatsha engqungqutheleni.
Ingozi ishiye ilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC eMzala Nxumalo, uNksz Selusiwe Ntuli, lilimele kabi kanti nalo beliyisithunywa engqungqutheleni.
Unobhala we-ANC ngaphansi kweMzala Nxumalo, uMnuz Ntokozo Nxumalo, uthe batshelwe ukuthi imoto ebihamba amalungu abo iphazanyiswe yiloli. Wathi imibiko ngengozi ibashiye bekhungathekile.
UNxumalo uthe bebejabule ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela, wathi bebengazi ukuthi izoba nesiphetho esimuncu kanje.
“Uma uzokhumbula kwingqungquthela izithunywa eziqhamuka eMzala Nxumalo bezihlukile. Besiphethe amathawula amabhinca (ambalabala) ngoba besifuna ukuhluka kwabanye. Bekumnandi nje, sonke sijabule. Siphelelwa amazwi uma sesehlelwa okubi kanje,” kuphawula uNxumalo.
Uqhube wathi uNkk Mdlalose ubebambe iqhaza elibalulekile kwi-ANC. Uphawule kanje uNxumalo: “Ubemdala kunathi. Ngaso sonke isikhathi nguyena obesibonisa futhi esithatha njengezingane zakhe. Ubehlezi ethetha. Nangesikhathi sesilungiselela ukusuka, wakhononda ngokungabi bikho kwezinsiza zokunikeza usizo oluphuthumayo emabhasini esasizowasebenzisa.”
UNxumalo uqhube wathi uNkk Mdlalose ubenogazi emalungwini e-ANC.
“Ushone i-ANC Women’s League ilungiselela ukuya engqungqutheleni yokukhetha ubuholi bayo esifundeni. Angikungabazi ukuthi ubezophinde abuyele ngoba ubethandwa kakhulu.”
Uncome uNkk Mdlalose ngokuba ngelinye lamakhansela abesebenza kanzima kuMasipala wabaQulusi.
“Ubeyithanda iwadi yakhe. Ubesezinhlelweni zokuthi kube nomtholampilo ewadini yakhe. Empeleni nje, ubefuna ukuthi yonke into iye ewadini yakhe. Ubeyikhuthalele kakhulu iwadi yakhe.”
UNxumalo uthe uNkk Ntuli uthola ukwelashwa esibhedlela. Unobhala we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, udlulise amazwi enduduzo emindenini yabashonelwe nabalimele. Uthe namahlanje bazohlanganisa amakhanda nemindeni yabathintekile.