UKHALA ngesihluku nonya umndeni wentombazane (8) okutholakale isidumbu sayo sinqunu kubonakala ukuthi iqale ngokudlwengulwa ngaphambi kokubulawa KwaMashu, kwa-A, ehostela enyakatho yeTheku.
Unina kaKuhlesibonge Alwande Gumede obulewe, uNksz Sthoko Gumede, elandisa Isolezwe ngesigameko, uthe ubeye esontweni ngoMgqibelo ebusuku eshiye ingane yakhe nomamkhulu wayo ngenkathi kwenzeka lo mshophi.
“Udadewethu uwumuntu ophuzayo vele, ngokusho kwakhe - ubehambile eshiye ingane yodwa endlini esayophuza - kuthe esebuya ngabo-4 ekuseni izolo, wafica ingane idindilize phansi, isithule kubonakala nokuthi idlwenguliwe ngaphambi kokubulawa.
“Ngiphatheke kabi kakhulu ngale nto eyenzekile ngoba angazi ukuthi wubani lona owenze into ebuhlungu kanje enganeni yami kuvele kuwukuphela kwayo. Lobu wubuhlungu obungasoze baphela enhliziyweni yami,” kuchaza uNksz Gumede.
Isolezwe lifika endaweni yesehlo, ubengekho umamkhulu womntwana obulewe, okungacacanga ukuthi ubekuphi ngaleso sikhathi.
Umalume womntwana uMnuz Mzomuhle Gumede, uthe kuvele kume ingqondo uma ecabanga ukuthi wubani ongenza into ebuhlungu kanje kumshana wakhe abemkhonzile.
“Ngiphatheke kabi ikakhulu ngoba bengisanda kumbona ngoMgqibelo ntambama kukuhle futhi kungenankinga, ngakho ngiphatheke kabi ngale nto eyenzekile.
“Kodwa-ke ngithemba ukuthi uphenyo lwamaphoyisa luzothela izithelo, atholakale ngokushehsha umenzi wokubi.
“Kungcono futhi ngoba kutholakale ophaqa besigilamkhuba endlini, esikholwa wukuthi bazoba wubufakazi obuzosiza kutholakale umenzi wokubi,” kuchaza uMnuz Gumede.
Ilungu lomphakathi eselikhulile elingazidalulanga, lithe izigameko ezifana nalezi zenza bangakhululeki bewumphakathi, ikakhulu bona bengabantu besifazane.
“Izimo ezifana nalezi zenza ukuthi sizizwe singaphephile futhi sesihlalele ovalweni ngoba asazi ukuthi kuzokwenzekani kusuka manje ngoba abenzi bokubi ababanjwa ezimeni ezinje,” kusho ilungu lomphakathi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u Lt Colonel Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi gameko, wathi amaphoyisa aKwaMashu aphenya icala lokudlwengula nokubulala.