IJAJI Ratha Mokgoatlheng elihlalele icala lokufa kukaSenzo Meyiwa lithi abameli babambezela icala bashaya izaququ ngongoti wabo ohlola izibhamu abathi bazomletha.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekaKelly Khumalo, eVosloorus, eGauteng ngo-2014. UMbuso wethula ubufakazi ozimisele ukugojela ngabo abalisa abahlanu okholwa wukuthi babulala uMeyiwa.
UMbuso sewambiza ungoti ohlola izibhamu owathi isibhamu esatholwa siyahambisana negobolondo lenhlamvu elatholwa endaweni yesigameko. Isibhamu esahlolwa satholwa kummangalelwa wesithathu uMthobisi Mncube.
Abameli babamangalelwa babuphosela inselelo lobo bufakazi bathi bazoletha owabo ungoti ahlole isibhamu. IJaji libuze ku-Advocate Charles Mnisi ukuthi kumiphi ngongoti wabo ozohlola isibhamu.
UMnisi uthe basalinde iLegal Aid SA ukuthi ibazise ukuthi isihambe yafikaphi ngokuqoka ungoti wezibhamu. IJaji likhuze lababaza lathi sekudleke isikhathi eside.
“ Umthetho uthi kufanele nithole ithuba elanele lokwenza umsebenzi wenu kodwa sekungaphezulu manje. UMbuso wethula ubufakazi bawo ngo-Agasti ngonyaka odlule, sekuphele izinyanga eziyishiyagalolunye,’’ kusho iJaji.
IJaji lithe leli cala liwundendende alipheli kanti nabaphathi balo bayakhononda ngalo. IJaji lize lancokola ngokuthi liyoze lificwe wukufa lingaqedile ngecala.
Kuvele omunye ummeli uMnuz Sipho Ramosepele wathi abeLegal Aid SA bake bambhalela bemazisa ukuthi sebemtholile ungoti wabanika nezindleko zakhe. URamosepele uthe abakwazi kodwa ukubonana nongoti okwamanje.
IJaji libuze kuMshushisi woMbuso u-Advocate George Baloyi ukuthi bangaki ofakazi abasele abazobizwa wuMbuso. UBaloyi uthe uMbuso uya ngasemaphethelweni okusonga ubufakazi bawo.
Uthe bebezimsele ukusonga ngasekupheleni kwenyanga kodwa ukubambezeleka okukhona kuzophoqa ukuthi kwelulwe isikhathi. izolo icala lisheshe laguqa ngesikhathi isikhulu saseVodacom ebesethula ubufakazi bamaselula sixinwa wukugula.
Izwi lesikhulu beliya ngokuya lishabalala ngenxa yomkhuhlane kwavunyelwana ngokuthi aliguqe icala ufakazi anikwe ithuba lokululama. IJaji nakuba belingeneme kodwa ligcine livumile ukuthi icala lihlehlele uLwesibili.