KUBUKE sengathi ingqungquthela yabesifazane yokukhetha ubuholi obusha isazothatha isikhathi ukuthi iqale. Njengamanje kusanezinkinga ezimayelana nokubhalisa abeze kulengqungquthela obekumele iqale izolo.
Umthombo weSolezwe Online, okhona kule ngqungquthela uthe iningi lezithunywa zigcwele ehhovisini lesifundazwe se-ANC ngoba zinezikhalazo.
Ezinye izithunywa zikhala ngokuvinjwa kwezinye eziqhamuka kwezinye izifunda. “Kubukeka sengathi kunesifiso sokuthi lengqungquthela kumele ithathwe yiHarry Gwala ingakho kunokukhalaza kwezinye izithunywa.”
Kule ngqungquthela kunezimbangi ezintathu kwesikasihlalo, okunguNkk Nonhlanhla Khoza oqhamuka khona eHarry Gwala kube sekuba uNkk Bongi Sithole-Moloi, osuka eNkosi Bhambatha noNkk Hlengiwe Mavimbela osuka eFar North. Lesi sikhundla besiphethwe uNkk Khoza.