IMENENJA kaMasipala waseThekwini, uMnuz Musa Mbhele, ithi ayikazukuphela manje inkinga yamanzi ekhungethe izingxenye eziningi zedolobha.
UMbhele uthe inkanankana yamanzi ehlasele idolobha idinga isikhathi ukuba ixazululwe, waveza ukuthi umkhandlu unawo amaqhinga okuyiqeda.
Ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo nabahleli bamaphephandaba angaphansi kwe-Independent Media.
“Lena akusiyona inkinga ezolungiseka ezinsukwini ezimbili ezizayo, emasontweni amabili ezayo noma eminyakeni emibili ezayo.”
UMbhele uthe inkinga yamanzi ayihlasele nje iTheku, kuphela kodwa wathi ihlasele wonke amadolobha akhiwa ngesikhathi kusaphethe uhulumeni wobandlululo anenselelo efanayo.
Uqhube wathi ingqalasizinda eyakhiwa uhulumeni wobandlululo yayakhelwe abantu abancane.
“Ingqalasizinda yayakhelwe u-30% wabantu abahlala edolobheni. Kumanje baningi abantu abahlala edolobheni ngenxa yokusondezela amathuba emisebenzi. Le nto uyibona ngokwanda kwemijondolo ukuthi sinyukile ngempela isibalo sabantu abahlala eThekwini.
“Eminyakeni engu-18 eyedlule bekunezindawo eziyimijondolo ezingu-120 lapha eThekwini, namhlanje sinezindawo ezingu-700 eziyimijondolo. Ngeke uyithole indawo okungakhiwe kuyo lapha eThekwini. Ngisho nasemizini yomxhaso, kwakhiwe izindlu ngemuva.”
UMbhele uthe inkinga enkulu ababhekene nayo ngeyabantu abazixhumela amanzi ngokungekho emthethweni.
“Ngenxa yesimo somnotho esingesihle, abantu abaningi sebeyakubalekela ukukhokhela amanzi. Imizi eminigi ayiwakhokheli amanzi. Abantu bancamela ukuthenga ukudla, bakhokhele izingane ezikoleni, nokunye bashiye ukukhokhela amanzi.
“Abantu bokufika yibona abaxhumela abantu amanzi ngokungemthetho, sonke siyazi ukuthi bahle kakhulu ezintweni ezithinta amanzi. Kuphinde kube khona nabantu abakhe ezindaweni ezinjengoMbumbulu, nako-Adams Mission, abanquma ukwakha izitezi bese bezixhumela amanzi.”
UMbhele uthe uhlelo lokuncishiswa kwamanzi oluqalwe ngonyaka odlule nalo lwandise izinkinga. Uthe ukuncishiswa kwamanzi kulimaze ingqalasizinda yamanzi.
“Lokhu kudale ukuthi amapayipi amaningi aqhume. Maningi amanzi asilahlekele ngenxa yalokhu.”
Udalule ukuthi banawo amaqhinga okuqeda inkinga yamanzi. Uthe banamaqhinga esikhathi esifishane okulwa nenkinga yamanzi wathi aseqalile ukuthela izithelo ezinhle.
UMbhele uthe baphinde babe nesu lesikhathi eside lokuqeda inkinga yamanzi wathi lelo su ukwakhiwa kwedamu elikhulu, eMkhomazi.