ISAZI sezomnotho, uDkt Iraj Abedian, sithi ngeke ukhule kahle umnotho wakuleli uma imboni yokukhiqizwa kwempahla ingasebenzi kahle.
Uthe lo mkhakha wenza kahle kakhulu ezweni kwazise ucwaningo lwabo luveza ukuthi ukwakhiwa kwezimoto kungenisa u-R207.5 billion ngonyaka.
“Uma kunganezezelwa ngo-10% imali etshalwa emkhakheni wokukhiza kungadaleka amathuba omsebenzi awu-75 000. Sibheke kakhulu umkhakha wokwakhiwa kwezimoto, owezolimo, owefenisha nowemithi. Uma kukhula ukukhiqiza kukhula neminye imikhakha,” kusho u-Abedian.
Udonse ngendlebe uhulumeni, osomabhizinisi nezinye izinhlaka zomphakathi ukuba kusetshenziswane ukuze kuxazululwe inkinga kagesi, eyozokuthutha (amaguzu namachweba) nokunakekelwa kwemvelo.
Isikhulu esiphezulu seProudly South African, uMnuz Eustace Mashimbye, sidonse ngendlebe abantu bakuleli ukuthi bathenge impahla eyakhiwe lapha ekhaya ngoba lokhu kudala amathuba omsebenzi.
Uveze ukuthi ukuthengwa kwempahla ekhiqizwe kwamanye amazwe kunqinda amandla izinkampani zakuleli.
Uthe isitembu seProudly South African asinikezwa noma wubani kodwa sinikwa izinkampani zakuleli ezidala amathuba omsebenzi futhi zithuthukise nomnotho.
UMnuz Sihle Ngcwamu oyisikhulu esiphezulu seTrade and Investment KwaZulu-Natal (TIKZN), uthe banezinhlelo eziningi zokusiza osomabhizinisi bakuleli ukuba badayise impahla yabo kwamanye amazwe.
Uthe kule nyanga nje kunamabhizinisi azobe ethumela imikhiqizo yawo okokuqala ngqa phesheya kwezilwandle.
Ucele osomabhizinisi baKwaZulu-Natal ukuthi bangahambeli kude ne-TIKZN ukuze bazohlonyiswa ngamakhono afanele okudayisa impahla yabo phesheya.
UNkk Thuli Cibane ongumqondisi weCibane Consulting, uthe kufanele kushintshwe imfundo yakuleli, kuhlonyiswe abafundi, abasebenzi nabaphathi bezinkampani ngamakhono ezobuchwepheshe.
Uthe umhlaba wonke ususebenzisa ezobuchwepheshe kodwa iNingizimu Afrika isasilele emuva njengoba kusafundwa ngohlelo oludala futhi nabasebenzi bengahlonyiswa ngamakhono amasha.