BAZOBE bephume ngezinkani osomatekisi ukuqinisekisa ukuthi abagibeli baphephile nokukuthi umsebenzi wezokuthutha uhamba ngendlela ehlelekile kulo Disemba.
Izolo, iSouth African National Taxi Council (Santaco) imemezele ukuthi amathimba ayo kaHlokomela okuwumkhankaso wezokuphepha wosomatekisi, azobe ephumile kuzwelonke, ezifundazweni nakwizifunda ezihlukene.
Lawa mathimba azobe ehlola ukuthi amatekisi akufanele yini ukuba semgwaqweni nokuthi abashayeli basesimeni esifanele.
UMnuz Abnar Tsebe onguMengameli weSantaco, uthe amathimba kaHlokomela azobe esebenzisana nezinhlaka zomthetho emigwaqweni yakuleli kodwa okuhlukile ngawo wukuthi azobe egxile ematekisini.
Igama elithi Hlokomela liyisiSuthu, lisho ukuthi Qaphela ngesiZulu.
“Njengoba kuqala isiphithiphithi sikaDisemba sifuna abagibeli bahambe bephephile ngamatekisi ethu. Amathimba kaHlokomela siwatshale yonke indawo. Kuwumsebenzi wethu ukuqinisekisa ukuphepha kwabagibeli bethu ngaso sonke isikhathi. Yingakho seza nalo mkhankaso kaHlokomela ukuze siqinisekise ukuthi kusebenza amatekisi akufanele ukuhamba emgwaqweni,” kusho uTsebe.
Ugqugquzele umphakathi ukuthi ugibele amatekisi uma uhambela amabanga amancane namade. Wathembisa ukuthi uzohamba kahle futhi ufike uphephile lapho uya khona.
Abaphuzayo uthe mabaphuze bazibheke kula maholide. Wathi amatekisi akhona ukubahambisa kuzo zonke izindawo abafuna ukuya kuzo.