UMFELANDAWONYE wezinyunyana, iSouth African Federation of Trade Unions (Saftu) usugxeke izitolo ezingayehlisi intengo yokudla yize kungasabizi kakhulu lapho zikuthenga khona.
UNobhala Jikelele weSaftu, uMnuz Zwelinzima Vavi, uthe abanikazi bezitolo abananembeza ngokunyusa ukudla yize bengasabhekene nezindleko.
Ubalule ukuthi nyangazonke igilosa iyabiza kanti nombiko weCompetition Commission uyakufakazela lokhu.
“Abanikazi bezitolo kufanele babe nonembeza bangajahi inzuzo kuphela. Umbiko weCompetition Commission ukucacisa kahle ukuthi ukudla lapho kukhiqizwa khona kubiza kahle kodwa izitolo zikudayisa ngentengo ephezulu. Kulo nyaka ukuphehlwa kukagesi kushintshile okusho ukuthi awusanqamuki njalo. Izitolo azisabhekene nezindleko zikadizili wama-generator, siyabona ukuthi udizili osetshenziswa ngamaloli athwala ukudla nawo awubizi kodwa intengo yokudla ayehli.”
Uthe kuyishwa ukuthi impuphu, isinkwa, ufishi osethinini namaqanda kuyabiza ezitolo kodwa lapho zikulanda khona akumbi eqolo.
Lokhu uthi kuyakhombisa ukuthi izitolo zinake inzuzo kunenhlalakahle yabantu bakuleli.
“Umbiko weJustShare uveza ukuthi izikhulu zezitolo ezidayisa ukudla zihola kakhulu ukudlula abasebenzi bazo. Isibonelo nje isikhulu saseWoolworths sihola uR123 million ngonyaka, esaseShoprite sihola uR65 million ngonyaka bese kuthi esaseSpar sihole uR25 million ngonyaka. Lama holo ayakhombisa ukuthi inzuzo iyaphi yingakho ukudla kubiza.”
Uthe bazolwa nodaba lokubiza kokudla ngokuhlanganisa abantu bakuleli ukuba balwe nongxiwankulu abangenandaba nabasebenzi nabampofu.