KUQUBUKE inxushunxushu ngesikhathi kungena ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-EFF KwaZulu-Natal.
Kusuke isidumo kwaxabana izithunywa zibanga imibhobho yokukhuluma, zifuna ukuqhakambisa ezibesekayo. I-EFF KwaZulu-Natal inengqungquthela yokukhetha ubuholi e-Olive Convention Centre, eThekwini. Ingene ngoLwesihlanu isongwa namuhla.
Bekunombango oshubile wezikhundla uSihlalo uMnuz Vusi Khoza ephoselwa inselelo yiPhini likaSihlalo uMnuz Mongezi Thwala, obefuna esikasihlalo.
UNobhala uMnuz Sifiso Mthethwa ebhekene noMnuz Nkululeko Ngubane obegaqele esikanobhala. Embangweni wesikanobhala bekukhona noMnuz Vukani Ndlovu. NgoLwesihlanu kuqale ngokubhaliswa kwezithunywa eBat Centre, ngaphambi kokuthi ziye endaweni yengqungquthela. Ngesikhathi sekufanele iqale kusuke isidumo yagcinwa ingavulwanga ngokusemthethweni.
UThwala oyiPhini likaSihlalo waseKZN, uthe amalungu abekhathele adedelwe ukuba ayophumula abuya esenomdlandla wokuqhubeka nengqungquthela.
Izolo kufike uNobhala-Jikelele weqembu uMnuz Marshall Dlamini, ezokwethula inkulumo yokuvula. UDlamini utshele izithunywa ukuthi azisebenzele ukukhulisa iqembu KwaZulu-Natal.
Uthe bayaziqhenya ngokuthi i-EFF ikhulile yaba namagatsha angu-900 esifundazweni kodwa kufanele bakhule kunalokhu. Imiphumela yengqungquthela igcine ingaphumanga kanti ilindeleke namuhla.
Kulindeleke ukuthi namuhla kutheleke uMengameli weqembu uMnuz Julius Malema, azovala ingqungquthela.