UKWESEKWA wozakwabo ethola ukuthi unomdlavuza webele, kwakhuthaza uConstable Zanele Nyirenda, ukwenza okuthile okuzosiza abanye abantu baqonde kangcono ngalesi sifo ukuze bakwazi ukusigwema kanjalo bakwazi ukuthi kuphilwa kanjani naso labo esibahlasele.
Yilokho okuholele ekutheni enze umcimbi wokufundisa abantu ngalesi sifo obusesiteshini samaphoyisa asebenzela kusona KwaMashu, izolo, lapho abememe khona izinhlaka ezahlukene zezempilo ukuzofundisa abantu kabanzi.
Ekhuluma emcimbini, uConstable Nyirenda uthe ubone kusemqoka ukuthi aqwashise abantu ngalesi sifo, okuzosiza ukuthi esingakabahaqi bazi okumele bakwenze.
“Ukwesekwa wozakwethu nakho kungiphushe kakhulu ukuthi ngihlanganise abantu namhlanje, ukusiza umphakathi uqonde ngaso ukuze ukwazi ukusigwema, bengafiki lapho mina esengikhona manje ngaso njengoba sengisesigabeni sesine, selokhu ngathola ukuthi nginaso ngo-2018,” usho kanje.
UMnuz Sifiso Cwele weTheku Wellness Hospital, uthe izinhlelo ezifuze lolu ziyasiza ukufundisa abantu ngezifo eziyingozi njengomdlavuza webele, ukuze abantu bathole ulwazi ngazo.
“Sizokhuthaza abantu ukuthi bazihluphe ngokuhlale behlolela izifo ezinjena, nokuthi uma umuntu esetholile ukuthi unesifo, noma ngabe yisifo sini, angaziyekeleli kodwa akhuthalele ukubeka impilo yakhe phambili. Sizoqeda nezinkoleloze ezihlupha abantu zokungafundiseki ngalezi zifo, okwenza ukuthi uma umuntu esegula, acabange ukuthi uthakathiwe, okungenza ukuthi angakhuthali ukuthola usizo lwezempilo,” kusho uCwele.
Lo mcimbi wenzeka nje, namhlanje kusongwa umkhankaso waminyaka yonke, wenyanga yonke wokufundisa nokuqwashisa abantu ngalesi sifo obizwa nge-National Breast Cancer Awareness Month (NBCAM), owasungulwa yinhlangano engenzinzuo i-American Cancer Society nenkampanin yase-United Kingdom i-Imperial Chemical Industries ngo-1985.