BAZOBINGELELA imantshi yaseMalahleni, abasolwa abayisithupha okubalwa kubo nephoyisa njengoba betholwe nempahla eyebiwe eMalahleni, eMpumalanga.
Iphoyisa elineminyaka engu-43 ubudala eliwumseshi, liboshwe nabanye abasolwa abahlanu abaseminyakeni ephakathi kuka-24 no-50 ubudala, betholakala nemoto namaloli amabili okuthiwa kudunwe eClewer, eMalahleni, eMpumalanga.
Kuthiwa ithimba leMiddelburg Flying Squad lilunywe indlebe ngeloli elebiwe e-Elsburg, eGauteng, ngenyanga edlule.
Leli thimba lihogele umkhondo walo obaholele eClewer, Emalahleni.
“Amaphoyisa afike kule ndawo athola iveni lohlobo lweToyota Dakar emhlophe nezinqola ezimbili zamaloli,” kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Kuthiwa abasolwa abayisithupha babone amaphoyisa kule ndawo bazama ukubaleka kwasho khona ukuthi amahlathi asephelile.
Kwababoshiwe, yiphoyisa eliwumseshi esiteshini saseVosman nababili abokufika abadabuka eZimbabwe.
Enye yezinqola ibilayishe amafutha okupheka entengo kaR1,3 million futhi kuthiwa abeselolini elidunwe eGauteng. Iveni kuthiwa yabikwa ukuba yebiwe eGarsfontein (eGauteng) eminyakeni emihlanu eyedlule ngoSepthemba 2017.
Ikhanda leloli litholakale lilaxazwe esikhotheni buqamama nalapho obekugcinwe khona umzimba walo.
Abasolwa babekwe amacala okuduna nokutholakala nempahla eyebiwe.