Nontuthuko Ngubane
YENZE into yamehlo inyanga yaKwaMazambane eManguzi ngoMgqibelo ishada amakhosikazi ayo ayisithupha ngosuku olulodwa.
Le ndumezulu yomshado yamakhosikazi ayisithupha obuwubukhazikhazi kuthiwa ubize uR700 000.
UMnuz Sokalezangoma Manzini (42), ushadelwe ngo-Alice Mthembu (32), Philile Ngwenya (32), Khethiwe Mtshali (34), Nana Mlambo (29), Sphiwe Ngwenya (21) Manzini, abebegqoke amaveyili amhlophe. Umshado omhlophe ube sesontweni.
Unkosikazi omdala uNkk Katrina Mlambo Manzini (32), yena ushone ngo-2018. Kugcinwe usiko ngokuthi naye ashadiswe kulo mcimbi.
Omakoti bakwaNgwenya bona bahlobene, njengoba uPhilile engudadewabo kayise kaSphiwe. AbakwaMlambo kabahlobene.
UManzini uthe ubathanda ngokulingana bonke laba ashade nabo.
“Laba bantu bangumuntu oyedwa, ngiyabathanda ngokufana. Yingakho ngibashade kanyekanye, ngosuku olulodwa.
“Ngithandane nabo ngezikhathi ezahlukene, ngabalobola ngokwahlukana. Ngase ngibashada ngosuku olulodwa. Kube wumshado omhlophe esontweni. Base beyogcagca ekhaya.
“Bamiswa phambili bonke esontweni, bemi ulayini. Bafunga ngokulandelana kwabo,” kusho uManzini.
Uthe umshado wabo bawuhlela kahle wabeka nemali eyanele.
“Ajabule kakhulu amakhosikazi ami ukuba ngiwashade ngosuku olulodwa. Owokugcina ngithandane naye ngo-2018, ngamlobola kulo nyaka njengoba sesishada.
Ngisebenzise uR700 000 umshado uwonke. Bengifuna wonke umuntu abe nento ayithandayo. Wonke umuntu ubenengubo yakhe, ikhekhe lakhe konke nje.
“Ngihlabe 10 wezinkomo,” kusho uManzini.
Uthe umshado wabo ubhaliswe ngumfundisi obebashadisa. “Siwubhalisile eMnyangweni wezaseKhaya umshado wethu. Banazo bonke izincwadi zomshado ukuthi bangamakhosikazi ami.
“Nginabantwana nawo wonke amakhosikazi ami, kuKatrina bane, uMaMthembu bane, uPhilile bathathu, uKhethiwe babili, uNana bathathu, bese uSphiwe unomntwana oyedwa. Umntwana wami wamagcina unonyaka nezinyanga ezintathu,” kusho uManzini.
Amakhosikazi akhe awasebenzi, uKhethiwe MaMtshali, uyisangoma.
Eyala abantu besilisa uthe kusemqoka ukuba banakekele abantu abasuke bethandana nabo.
“Ngiyacela abantu besilisa bafunde ukuthanda abantu babo, babahloniphe, babanakekele, baphinde babakhathalele. Kulesi sikhathi esimbi sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane futhi kuyinyanga yabantu besifazane kusemqoka ukuba lokho sikushumayeze kubantu besilisa. Ungathathi umntwana wabantu abe yifenisha ongayikhokhele. Kuyalotsholwa. Umakhele nomuzi omuhle. Umthengele nemoto unkosikazi.
“Amakhosikazi ami anoMercedes wonke. Bonke banemizi, banezinkomo, izimbuzi namahlathi,” kusho uManzini.
Isithembu uthe yinto yakubo futhi usiphethe kahle.
“Isithembu ngesikamkhulu, wayenamakhosikazi awu-12. Ngisiphethe kahle isithembu sami. Ngiyahamba kuwona wonke amakhosikazi ngokwahlukahlukana, kujatshuliwe nje ekhaya. Ngihlala nenkosikazi ngayinye izinsuku ezintathu, ngihambe yonke imizi ngize ngibaqede,” kusho uManzini.
Njengoba kade enze indumezulu ebuzwa ngemithetho yomvalelandlini, uthe uyilandele yonke.
“Besifake izifonyo, sisebenzisa nesibulalimagciwane. Bekunabantu abangu-50 kuphela,” kusho yena.
Ebuzwa ukuthi ngabe usemile yini ukukhetha, uphendule kanje: “Okwamanje ngisavalile ukuthatha amanye amakhosikazi. Kungenzeka kuqhubeke ngesinye isikhathi kodwa okwamanje nganele.”
Ubonge bonke abamesekile enza lo mshado ukuthi ube yimpumelelo.