ABAMELI bagqugquzele abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bangawuzibi umkhakha wensangu njengoba ibalulekile ekuvikeleni imvelo.
Baveze ukuthi njengoba insangu (hemp) yafakwa ngaphansi kwezitshalo ezibalulekile ekuvikeleni imvelo ngo-1976, kubalulekile ukuthi abantu bayitshale ngokusemthethweni.
UMnuz Sentebale Makara, ongummeli eCliffe Dekker Hofmeyr (CDH), uthe eNingizimu Afrika insangu kwaphasa ukuthi isingasetshenziswa emizini yabantu futhi itshalwe ngoFebhuwari walo nyaka.
Uthe insangu ibalulekile ngoba iyakwazi ukugcina umoya ongcolile ibuye ivikele ukuguguleka kwenhlabathi kanti ayidingi ukunakekelwa ngamakhemikhali abulala izinambuzane njengezinye izitshalo.
Udonse abantu ngendlebe ukuthi bafundisise kabanzi ngalesi sitshalo ngoba ngaphandle kokubangenisela imali, siyakwazi nokuvikela izinhlekelele zemvelo okubalwa kuzo izikhukhula njengoba sikwazi ukuvimbela ukuguguleka kwenhlabathi.
UNkk Tessa Brewis, naye ongummeli eCDH osohlakeni lwezomthetho olubheka ezezimali, uthe miningi imithetho ephasiswayo emhlabeni jikelele mayelana nensangu ngakho kufanele abantu bafunde kabanzi ngayo ukuze bakwazi ukuyitshala.
Ubalule ukuthi insangu iyasiza ekudambiseni izinhlungu njengoba isisetshenziswa emithini ehlukene.
Kwesinye isikhathi iba ngamafutha okurabha kanjalo namaphilisi asiza abagula ngezifo ezihlukene.
Uveze ukuthi ingasetshenziswa ekukhiqizeni indwangu, isetshenziswe ekudleni njengoba izinhlamvu zayo zinama-vitamin ne-Omega 3.
Iyasiza nasekwakheni izindlu nasekwakhiweni kwamaphepha.