Mhlengi Shangase
UKWANDA kwemibhikisho emayelana nokungahanjiswa kwezidingo emphakathini sekwenze uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, abone kunesidingo sokuthi kusungulwe inombolo abantu abangayishayela ukubika izikhalo.
UZikalala uthe kule nombolo kuzobikwa nanenkohlakalo eyenzeka ezinhlakeni ezehlukene okubalwa nakuhulumeni.
“Le nombolo sizoyethula ukuze umphakathi ukwazi ukubika ngezinto ezithinta izikhalo onazo njengoba kuhlale kuba nemibhikisho yomphakathi. Umphakathi uzokwazi nokubika ngenkohlakalo. Sizozibheka zonke izikhalo ezibikiwe kule nombolo bese sizilandelela,” kusho uZikalala.
Ukusho izolo ekhuluma nabahleli bamaphephandaba e-Independent Media, eshicilela Isolezwe.
UZikalala uthe namhlanje kunengqungquthela ezobheka ubugebengu obudlangile esifundazweni.
Le ngqungquthela izohanjelwa nanguNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele nezikhulu zamaphoyisa.
Lesi sifundazwe siyaziwa ngezimpi zezigodi namacala athinta ukudlwengula nokubulala.
UZikalala ubuye wagcizelela ukuthi ikhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana akufanele isetshenziselwe ukugxila kwabathile ababeseka umholi othile.
Kube nemibiko yokuthi uZikalala nabanye abaholi abaqavile KwaZulu-Natala bangabanye ikhomishini eholwa yijaji Raymond Zondo egxile kubo.
Abanye okubikwe ukuthi kufunwa imininingwane yabo yasemabhange owayeyimeya yeTheku uNkk Zandile Gumede, owayengunobhala we-ANC esifundazweni uMnuz Super Zuma nowayengungqongqoshe wezemfundo uMnuz Mthandeni Dlungwane.
Le mininingwane kuthiwa ifunwa ngoba bathathwa njengabantu abasondelene nowayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma.
“Ikhomishini ayikangithinti kodwa ngizimisele ukuphendula noma yini eyifunayo. Ikhomishini inamandla okuphenya noma ngubani, kulandelwe imigomo kodwa ngeke kube kuhle uma sekugxilwa kwabathile kuphela. Angilwazi uphenyo elwenzayo, akukho engikufihlayo, ngiyophendula uma ingithinta.”