BABABAZA ukuba nenhliziyo enhle kweNkosi yamaNazaretha eThembezinhle ekhotheme, uVela Imisebeyelanga Shembe, omakhelwane bayo esigodini iNomakhazana, eMthwalume.
UNKSZ Velisa Dlamini
UNksz Velisa Dlamini uthe selokhu ebe yisakhamuzi saseNomakhazana kusuka ngo-2013 kodwa akakaze ezwe lutho olubi olushiwo ngeMisebeyelanga.
“Ubebahlonipha abantu futhi elungile. Ngendlela abehlonipha ngayo endaweni nathi besimhlonipha ngokuthi singayithinti imisebenzi yethu uma kuyiSabatha yize singewona amaNazaretha. Lokho besikwenza ngothando nokuhlonipha yena njengoba ubengasebenzi uma kuyiSabatha edumisa uNkulunkulu,” kusho uNksz Dlamini.
UNKK Thembi Khomo
UNkk Thembi Khomo uthe ukube umumtu uyavuswa ngabe bayamvusa ngendlela abelunge ngayo.
“Ubazisa wonke umuntu endaweni engakhethi muntu. Ngisho kunemigidi kwakhe wonke umuntu ubevumelekile ukuza khona ukuzobuka okwenziwayo. Izinhliziyo zethu zibuhlungu ngendlela eyinqaba,” kusho uNkk Khomo.
UNksz Sindi Msani
UNksz Sindi Msani uthe kuningi abebesakubheke enkosini Imisebeyelanga obekuzoletha intuthuko endaweni.
“Ubephila nabantu futhi efuna ukwazi ukuthi yini esinenkinga yayo kakhulu endaweni. Lesi sigodi sethu besingenalutho oluyintuthuko kodwa bese siqala ukubona izinto zenzeka kukhona yena njengoba sesinamanzi emagcekeni. Ubehlala enomoya ophansi futhi ezothile. Yize ikhona inkosi yesizwe kodwa akukho ebikwenzela isigodi sethu bese sithembele kuyona eyamaNazaretha ngoba ibisikhathalele. Kuningi ebesisizakala ngakho ngoba noma sinezinkinga besiziyisa kuyona iNkosi yamaNazaretha ifike isinike ithemba lokuthi konke kuzolunga,” kusho uNksz Msani.
UMNUZ Mthobisi Duma
UMnuz Mthobisi Duma uthe indawo yangakubo ibibusisekile ngokuba khona kwenkosi yamaNazaretha.
“Bheka nje ngoba akukho ngisho uhlanya la endaweni ngenxa yokuthi besinomuntu okhonza uNkulunkulu ngokweqiniso. Ukudlula kwayo kuvusa izinto eziningi emqondweni yethu.
Asazi noma uzophinde abekhona yini umuntu ofana nayo ngendlela ebilunge ngayo.
“Okuphinde kusiphathe kabi wukuthi asazi ukuthi kuzokwenzekani manje njengoba necala lingakapheli enkantolo. Mhlawumbe lokho kuzobe sekunika abebebanga nayo ithuba lokuthi bawine kungafanele,” kusho uDuma.