MLUNGISI GUMEDE
I NKOSI yaseNhlangwini uMntwana uMelizwe Dlamini ifunga iyagomela ukuthi izowukhokha maduze u-R3million ewukweleta ibhange iNedbank eselisabisa ngokudla umuzi wayo ose-La Lucia eThekwini nezimoto zayo zikanokusho.
INhloko ebhekelele izindaba ezithinta ubukhosi baseNhlangwini uMntwana uPenuel Dlamini izolo utshele Isolezwe ukuthi indaba yesikweletu bayayilungisa.
“Ithimba labameli bethu libe nomhlangano nabameli bakwa-Nedbank nezikhulu zebhange kwavunyelwana ukuthi imali izikhokhwa ngokushesha,” usho kanje.
UMntwana uPenuel uvumile ukuthi zike zakhona izinyanga lapho bebehluleke khona ukukhokha nokuholele ekutheni ibhange lisabise ngokudla isigodlo nezimoto zenkosi.
Uthe imali kungenzeka bayikhokhe namhlanje noma kusasa njengoba sebekwazile ukuyiboleka kwezinye izinkampani abasebenzisana nazo.
“Engingakusho ukuthi imali sizoyikhokha ngokushesha,” usho kanje.
Usole abameli babo ngokungalusukumeli lolu daba njengoba seluze lafika kuleli zinga.
Bekuzobe kungaqali ukuthi uMntwana uMelizwe adliwele impahla njengoba kwenzeka ngesikhathi ethathelwa izimoto eziyisishiyagalolunye yibhange ngo-2010 kulandela ukuhluleka ukuzikhokhela.
Wahluleka ukukhokhela lezi zimoto ngemuva kokuwa kwenkampani yakhe yomshwalense iNtsika.
Kumanje le nkosi isigxile emkhakheni wezolimo ukuze ikwazi ukuzakhela imali.
Ngokusho kukaMntwana uPenuel akhona namanye amabhizinisi enkosi kodwa wathi angeke akwazi ukukhuluma ngawo kwabezindaba.
Ebuzwa ukuthi yini eyashaya phansi iNtsika, uphendule ngokuthi kuyenzeka awe amabhizinisi.
INedbank ifake amaphepha enkantolo eNkulu yaseThekwini ifuna kudayiswe isigodlo sikaMelizwe esibiza u-R3.4 million njengoba kuthiwa wagcina ukukhokha ngo-2010.
Ibhange lifuna ukuthi nezimoto zakhe okubalwa i-Audi, Range Rover neGrand Jeep Cherokee ukuba nazo zifakwe endalini.
Ngokwemibiko yabezindaba inkampani edayisa izimpahla, i-Ian Wyles Auctioners, umuzi wenkosi isiwukhangisile kanti kulindeleke ukuthi udayiswe ngoJuni 4.