UNOBHALA-JIKELELE weNkatha, uMnuz Velenkosini Hlabisa, usephakamise ukuthi iMeya yaseThekwini, uNkk Zandile Gumede, ihoxe esikhundleni sokuqhoqhobala izintambo kulo mkhandlu ukuze kuqhubeke uphenyo.
Esitatimendeni asithumele abezindaba, uHlabisa ubuye washaya ikhwelo lokuba kunephenyo oluzimele ukuze kuphenywe kabanzi ngenkohlalo ngemuva kokuboshwa kukaNkk Gumede ngezinsolo zenkohlakalo. “Iqiniso lokuthi kunamakhansela angu-62 athinteka enkohlakalweni lokho kuchaza ukuthi ingakanani inkohlakalo ekhona. Asingabi nabantu abafuna ukuwaka uhulumeni nomasipala bethu. Asikho isidingo sokuzwela nanoma wubani ozama ukuqola imali yomphakathi. Umuntu ohlela ukuxhaphaza imali yomphakathi kufanele angaqhubeki nokusebenzela uhulumeni,” kusho uHlabisa osanda kuhosha imfe esikhundleni sobumeya kuMasipala waseBig 5.
“Kufanele sibhekane ngqo nalaba abafuna ukuqola imali yomphakathi. Abaqhubeka nokuntshontsha imali yomphakathi kufanele bakhishwe kwiThekwini Metro futhi kuvunyelwe abaholi abaqotho bahole lo mkhandlu.”
Uthe iNkatha ikholelwa ukuthi inkohlakalo iyisihlava esibulala iNingizimu Afrika. “Yimpi edinga kuliwe nayo...i-IFP ikholelwa ukuthi indlela okungaliwa ngayo nenkohlakalo ukwenza isiqiniseko sokuthi bathola isijeziso esinzima labo abalahlwa ngamacala. Impi uyokulwa nenkohlakalo eThekwini kufanele iqiniswe manje ngaphambi kokuba ingcolise wonke umphakathi.” UHlabisa ubuye waphonsela i-ANC inselelo yokuthi ithumele umyalezo ocacile ngenkohlakalo nabaholi ababolile.
“IMeya yaseThekwini kufanele inikezwe isikhathi sokugxila kulezi zinsolo. Uphenyo luzophazamisa ubuholi bayo kwiMetro. Imibandela yebheyili izomphazamisa emisebenzini yayo. ITheku lidinga umholi ongeke ephazanyiswe yilutho njengoba idolobha libhekene nohide lwezinselelo.”
Eqhuba uHlabisa uthe ukulwa nenkohlakalo akufanele kugcine nokushiwo kodwa kufanele kubonakale nangezenzo.
“I-IFP inxusa amaHawks (oKlebe) ukuba babhekane nalolu daba ngaphandle kokusaba nokuchema. Sisalindele ukuhlazwa kwababantu okwathenjiswa nguMnuz Mluleki Ndobe ngemuva kokukhululwa estokisini ngezinsolo zokubulala. Wathembisa ukudalula amagama abantu abasenzise impahla kahulumeni ukumbheca ngobende. Aze (uNdobe) akhulume, ifu liyohale lisekhanda lakhe. Siyethemba icala leMeya yaseThekwini ngeke lihambe njengelikaNdobe elihudula izinyawo. Akunyakazwe manje,” kuphetha isitatimende sikaHlabisa.