UBEHAMBA ngevesi lokuhlonipha oyinkakha kwezokulingisa uLeleti Khumalo eluleka amaciko abethweswa iziqu emcimbini obubanjelwe eDurban North, eThekwini izolo.
ULeleti ukhulume kanje ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yokwethula i-Simon “Mabhunu” Sabela Industry Lecture ebihlelwe yiKwaZulu-Natal Tourism and Film Authority.
Abafundi abebethweswa iziqu bebeqhamuka esikhungweni esiseMzimkhulu kuMasipala iHarry Gwala nesiseMbazwana, eMkhanyakude.
Ezifundweni ebekade bezenza kubalwa izifundo zika-NQF Level 4 no-NQF Level 5 zokubhalwa kwamafilimu nemidlalo yethelevishini, ezokudidiyela nezokuthwebula kusetshenziswa ubuchwepheshe be-drone.
Ethula inkulumo yakhe udalule ukubaluleka kokuhlonipha kumkhakha wezokulingisa.
“Ukuze lo mkhakha ukuhloniphe, kumele uqale wena uwuhloniphe uphinde uzihloniphe wena. Ngeshwa lo mkhakha wezokulingisa usifuna sibahle futhi sakheke kahle kodwa manje izinto ziya ngokushintsha, yingakho ngigcizelela ukuthi kubalulekile ukuthi uzinakekele,” kusho uNksz Khumalo.
Uthe ziningi izinselelo umkhakha wezokulingisa oza nazo futhi kumele wazi ukuthi yini ekusebenzelayo njengomlingisi.
“Abanye bagcina sebezinikela ezidakamizweni. Awukwazi ukuthi ube umlingisi owenza yonke into. Ngokukwazi ukwenza lokho, uzokwazi ukuthi yimuphi umsebenzi okufanele,” usho kanje.
Eqhuba uthe kubalulekile kulo mkhakha ukuthi uzwane uphinde wazi abantu futhi uqikelele ukuthi njalo ulola ikhono lakho.
“Ngeke uphumelele kulolu hambo uma uhamba wedwa. Kumele usebenzise ukuzwana kwakho nabantu ngoba ngeke uphile wedwa. Lo mkhakha unonya kakhulu, abanye bazokudonsela phansi ngoba bebona ikhono lakho onalo elimangalisayo.”
“Ungakhululeki kakhulu ngoba ikhono kudingeka ulilole nsuku zonke. Uma usingethwe abantu asebemnkantshubomvu ungasabi ukubabuza ukuthi lokhu kwenziwa kanjani,” ubeke kanje.
UMnuz Sbonelo Cele waseLovu KwaZulu-Natal, ongomunye wabathweswe iziqu kwezokuthwebula kusetshenziswa ubuchwepheshe be-drone, ekhuluma neSolezwe, uthe ukwenza lezi zifundo kumba eqolo.
“Ngiwumuntu ozisebenzayo njengoba ngithwebula izithombe ukuze ngiziphilise. Ngibonge kakhulu ku-KZN Tourism and Film Authority njengoba bekwazile ukungikhokhela uR30 000 izifundo. Ziningi izinselelo ebengibhekene nazo ngesikhathi ngenza lezi zifundo ngoba kumele ufike isonto lonke, okwenze ukuthi ngize ngiyiqede ngawo lo nyaka ngoFebhuwari,” kusho uCele.
Uthe ngokomsebenzi awenzayo ukuthola ilayisensi yokusebenzisa ubuchwepheshe be-drone kuzomsiza kakhulu.
“Kuneminye imisebenzi ongakwazi ukuthi ufake izicelo kuyo uma ungenayo ilayisensi. Esikhathini samanje kusebenza izinto zobuchwepheshe, ngakho-ke ukundizisa i-drone kunciphise izindleko zokuqashwa kwendiza enophephela emhlane ohambisana nomthwebuli futhi kulula ukusebenzisa ubuchwepheshe uma usukwazi njengoba izinto zihlala zishintsha njalo,” usho kanje.
USphamandla Mdluli waseMbazwana obenza izifundo zika-NQF Level 5 zokubhalwa kwamafilimu nemidlalo yethelevishini nokudidiyela, uthe ufunde okuningi ngokudidiyela.
“Ngifunde ukuthi kusukela ngaphambi kokuthi udidiyele, noma usudidiyelile yini okumele uyiqonde futhi uyenze uma usebenza nabantu. Mina bengibhekene nokuhlela isikhathi esiningi, ngafunda nokuthi uqala kuphi uma uhlela,” kusho uMdluli.
Uthe kunamafilimu amancane abekade bewenza ngesikhathi besafunda abehlelwa wuye. Uthe ufunde ukuthi kulo mkhakha awusebenzi wedwa kodwa usebenza nabantu abanemiqondo ehlukahlukene.