KUBE yinjabulo ngesikhathi umndeni wakwaXulu, eNhlophenkulu, KwaNongoma, uhlanganiswa nelungu lawo elahamba ekhaya ngo-1969. UMnuz Joseph Mdukuza Xulu (78) owabhunguka eneminyaka engu-27 ugcine ehlanganiswe nomndeni wakhe osekuphele iminyaka umfuna.
UXulu kuthiwa wahamba engatshelanga muntu ukuthi ulibangisephi okwenza kwaba nzima ukuthi umndeni umthole. Ngisho sebebhalele nasohlelweni lwethelevishini iKhumbul' ekhaya abazange bamthole.
Udadewabo, uNksz Mamazi Xulu uthe bajabule bewumndeni ngoba kade balulindela lolu suku lokuthi umfowabo abuye ekhaya. “Ukubuya komfowethu esaphila kungijabulise kakhulu ngoba sengiyazi ukuthi uyaphila futhi uphephile.”
Uthe bekunzima ukuphila bengazi ukuthi umfowabo uyadla yini lapho ekhona.
“Sebashona bonke esizalwa nabo bese sisele sibabili, kuyimi nomfowethu oseMtubatuba, umfowethu uJoseph nguyena omdala kuthina sonke ekhaya. Ngiyethemba nokuthi abaphansi bazojabula njengoba indodana yabo endala isibuyile ekhaya emva kweminyaka eminingi singazi ukuthi yashonaphi,” kusho uNksz Xulu.
Obehlala noXulu eStanger, uMnuz Zwelakhe Khubisa, uthe uXulu wafika kule ndawo engumuntu owayesebenza epulazini elalibizwa ngokuthi iseDipose.
“Besihlalisene kahle noXulu ngoba uyindoda eqotho futhi engahluphi. Ukuthola ngomndeni wakhe besitshelwa nguyena njengoba eyilungu likamasingcwabisane wethu iKhumbuza Funerals okwathi uma simbuza ukuthi ubani oyomfihla mhla eshona wasitshela ngomndeni wakhe waKwaNongoma yize ebengasakhumbuli kahle, kwaba yilapho esilandelela udaba lwakhe khona sagcina simxhumanisa nomndeni wakhe. Sibone kufanele ukuthi siwufune size siwuthole ngoba umsebenzi esiwenzayo usifaka yonke indawo kuleli” kusho uKhubisa.