UCHITHE usuku lwakhe ehambela izindawo ezahlakukene eThekiwini, izolo, uMnuz Duduzane Zuma, obhekwe kwesobumengameli ngonyaka ozayo. UZuma uhambele emarenke okubalwa eyaseDurban Station kanjalo nemakethe yabenza imsebenzi yezandla nokuyilapho abantu bebekubeka kucace ukuthi bazomvotela.
Omunye wesifazane odayisa kule ndawo ocele ukungadalulwa igama, uthe udabuka eNkandla ngakho uyayibona imisebenzi kaZuma ezinkundleni zokuxhumana. Lokhu uthe akuqali ngaye ngoba nabo ngakubo sebenomgwaqo ngenxa kayise owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma.
"Akusekho okunye, sizovotela yena manje simfuna abe ngumengameli. Sifuna kungene abantu abasha ngoba basakwazi ukushesha, bazolungisa isimo," kusho lo wesifazane. Abantu bebelokhu bemxhawule njalo, bemqinisekisa ukuthi bazomvotela.
Abahlala emgwaqweni abazibize ngamaphara eTheku, nabo babonakele bezoxhawula kuZuma bamqinisekisa ukuthi bazomvotela futhi bamfuna ewumengameli. Bebe bodwa abamise amabhasi bememeza uZuma, bezwakalisa ukumjabulela ngokubonakala ehamba ngezinyawo nabanye abantu.
UZuma uthe ukuba semphakathini ngenye yezinto azimisele ukuyenza uma esewumengameli ngoba ukholelwa ukuthi ngeke uzazi kangcono izinkinga zabantu uma ungaphili nabo.