UYAZIQHENYA ngokwenza kahle uChuma Mdluli (18) waseNanda eGlebe, emuva ngokugadla ngo-A abayisihlanu esiZulwini, English, History, Business Studies neLife orientation.
Le ntokazi ebifunda eNanda Seminary, ithi ukuphasa kwayo ngamalengiso kusho lukhulu kuyona ngoba ngenkathi ibhala izivivinyo zayo beyibhekene nezinselelo eziningi, njengokungalali kahle, iphinde iphoqeleke ukuthi ivuke ekuseni.
UChuma uthe ngezinye izikhathi ubefika ekhathele ngisho ephepheni kodwa wanquma ukugxila ezintweni ezizomuyisa phambili.
"Ngathatha isinqumo sokubhekana ngqo nezincwadi zami ngoba ngifuna ikusasa elihle futhi ngifuna ukuya enyuvesi ethandwa yimina, ngenze nezifundo ezithandwa yimina. Ngiyafisa ukuqhubeka ngifunde ukuze ngikwazi ukuphila impilo engiyithandayo."
UChuma, othathwe yiNyuvesi iWits, lapho azokwenza khona iCivil Engineering, uthe ubonga wonke umndeni wakhe ngoba bonke bebemxhasile ngenkathi ebhala izivivinyo zakhe.
Uyise kaChuma, uMnuz Ayanda Mdluli uthe uziqhenya kakhulu ngendodakazi yakhe, uhambo lwayo belunzima kodwa uyajabula ukuthi ekugcineni iphumelelile. Konke lokhu kuwubufakazi ekutheni ukusebenza kanzima futhi nokuzikhandla kuyazuzisa.