AQHUMISE umkikizo ngaphandle kweNkantolo yaseNtuzuma amalungu omphakathi akule ndawo izolo ngesikhathi umfundisi osolwa ngokudlwengula izingane zamantombazane ezintathu enqatshelwa ibheyili.
UMfu Mandla Mahlaba weBandla laseZayoni, iNew Jerusalem kuzokhumbuleka ukuthi wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela emasontweni amabili edlule.
Wavulelwa amacala esolwa ngokudlwengula izingane ezintathu zamantombazane ezineminyaka engu-13 ebandleni.
Umphakathi ngemuva kwalokho wavuka umbhejazane okwagcina kuholela ekutheni agcwale amathafa lo mfundisi. NgoLwesihlanu unqatsheliwe ibheyili.
Lokhu kuwajabulisile kakhulu amalungu omphakathi abebhikisha ngaphandle kwenkantolo ekhuthaza ukuthi umsolwa angayitholi ibheyili.
"Kusijabulisile kakhulu ukuthi umfundisi akayitholanga ibheyili,'' kusho ilungu lomphakathi.
Elinye lithe kuyajabulisa kakhulu ukubona ukuthi inkantolo yenze okufanelekile kuleli cala.
''Sifisa ukuthi angabe esaphuma ejele. Kumele ajeze ngalokhu okubi kangaka akwenzile ezinganeni zethu ezincane nakangaka,'' kusho elinye ilungu lomphakathi.
Ngaphambilini umfundisi waphumela obala kwiSolezwe Ngempelasonto ngokuthi ujola nendodakazi yomkakhe.
Walimisa ngesihloko elokuthi lokhu akakufihli futhi yinto azohlala phansi ayibhunge nabo bobabili ukuze kube nenqubekela phambili mayelana nalolu daba.
Kwaba nezinsolo zokuthi ngaphakathi ebandleni umfundisi uthandana nenqwaba yabesifazane futhi ulala nabo.
Kwavela nokuthi amalungu ebandla ubewaphoqa ukudla amasi nesiklabhu.