IMINDENI emibili yaseNquthu, ibonga ayiphezi kosomabhizinisi nomasipala wendawo ngemuva kokuthi benikezwe izindlu zomxhaso.
Izindlu zinikezwe umndeni wakwaMabaso esigodini saseKhuphe, nowakwaXimba esigodini saseNgedla. Le mindeni ithole izindlu ezinamagumbi amane okulala, ikhishi nendlu yokugezela.
UNksz Hloniphile Mabaso (36), ohlala namalungu omndeni wakhe awu-10, uthe impilo yaba nzima kubona ngemuva kokushona kukagogo wabo.
“Besihlala nogogo, nokuyilapho sikhethwe khona ukuthi sakhelwe umuzi ukuze sibe seduzane naye singamshiyi. Bekunzima ukuhlala sisonke kulezi zindlu ebezikhona ngoba bezincane, thina sibaningi. Impilo yethu izoshintsha njengoba bekuyizindlu zodaka, manje sithole indlu enhle enefenisha phakathi,“ kuchaza uNksz Mabaso.
Uveze ukuthi empilweni yakhe wayengacabangi ukuthi uyoke abuke iDStv kodwa lo muzi ufike nayo.
UNkk Sebenzile Ximba, uveze ukuthi yize bebathathu emndenini kodwa bebehlala kanzima ezindlini zodaka.Wathi impilo izoshintsha kakhulu ngemuva kokuthola lo muzi.
Uveze ukuthi empilweni yakhe wayengacabangi ukuthi uyoke abuke iDStv kodwa lo muzi ufike nayo.
UNkk Sebenzile Ximba, uveze ukuthi yize bebathathu emndenini kodwa bebehlala kanzima ezindlini zodaka.Wathi impilo izoshintsha kakhulu ngemuva kokuthola lo muzi.
Lezi zindlu zinikelwe nguMntwana wakwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi, uMnuz Velenkosini Hlabisa onguMengameli we-IFP, neMeya yaseNquthu uMnuz Lindokuhle Shabalala.
UMntwana ubonge kuMasipala waseNquthu ngokukhumbula abantu abakhele lomasipala.
“Thina bantu abamnyama sithwale kanzima ngenxa yobandlululo olusenze izimpabanga. Ngakho kuyathokozisa ukuthi sinabaholi abafana nabaseNquthu abakhumbulayo ukuthi abantu bakithi bafanelwe okungcono, " kusho uButhelezi.