KUBE nenhlokomo kubafundi baka-matric basesikoleni iMenzi High, kwa-N eMlaza, bejabulela ukuqeda ukubhala izivivinyo zabo.
Isolezwe lixoxe nabanye babo ukuzwa ukuthi izivivinyo zibaphathe kanjani. U-Amahle Mkhwani (17) uthe nakuba lo nyaka ubungelula futhi uhambisana nezinselelo eziningi kubafundi, kodwa likhulu ithemba lokuthi konke kuzohamba njengokufisa kwabo ngoba bazikhandlile ngomsebenzi wesikole.
“Nginethemba elikhulu lokuthi mina nozakwethu sizoqhubeka nokwenza lokho iMenzi High edume ngakho, siphase kahle sonke njengenhlalayenza ukuze siqhubeke nemfundo yethu ephakeme. Mina nje ngifuna ukwenza iMedicine,” kusho u-Amahle.
UThabiso Mzobe (18) uthe ujabule ngokuthi babhale baze bafika esiphethweni sokuhlolwa kwabo, esho nokuthi akakungabazi ukuthi konke kuzohamba kahle ngoba bazikhandle ngokuphindiwe kusuka kuqala kwaze kwafika ekugcineni.
“Ngakho nginethemba elikhulu lokuthi sizoqhubeka nokugcina irekhodi lethu elihle lokuphasa ngo-100%, futhi sikholwa nawukuthi senze okwanele ukuphasa izifundo eziningi ngamalengiso,” kusho uThabiso ofisa ukwenza iMedicine eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ngonyaka ozayo.
U-Emma Mthombeni (17) uthe akabonanga mehluko ekuhlolweni kokugcina nokwangoSepthemba, athe umphumela owuthola kokwandulela okokugcina yiwona okunika isithombe sokuthi uzophetha kanjani.
“Ngaphandle kwalokho, besivele sizimisele kusukela unyaka uqala - engikholwa wukuthi ngeke siziphoxe ekugcineni sesizikhandle kangaka ngomsebenzi wesikole.
“Sengibheke ukuphasa kahle ukuze ngenze iData Science eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ngonyaka ozayo,” kuphetha u-Emma ngokukhulu ukuzethemba.
Uthishanhloko waseMenzi High, uNksz Muntu Ntombela, uthe akakungabazi nakancane ukuthi abafundi baka-matric wakulo nyaka bazoqhubeka lapho okugcine khona abeminyaka edlule, baphase bonke - nokuyobe sekungokuka-11 iminyaka ilandelana.
“Senze konke okusemandleni ethu ukugcina irekhodi lethu elihle lika-100%, nabafundi bethu babambisane kahle nothisha ukwenza isiqiniseko sokuthi sifeza ebesizihlelele kona nonyaka - okuwukuphasa zonke izifundo ngamalengiso,” kusho uNksz Ntombela ngokuzethemba.