SIYAQHUBEKA nokuhlukanisa amazwe omhlaba isicelo esifakwe iNingizimu Afrika sokuba inkantolo yamacala omhlaba (International Court of Justice) iphenye iqhaza elibanjwe elaKwa-Israel empini eqhubeka eGaza.
Izwe eliyisikhondlakhondla kwezomnotho, i-United States of America (Melika), seliphumele obala lagxeka isicelo seNingizimu Afrika esizolalelwa ngesonto elizayo.
Kulesi sicelo iNingizimu Afrika ifuna kuphume isivimbelo esizonqanda i-Israel ukuba iqhubeke nokuhlasela eGaza.
Kusukela kuqale impi ye-Israel neHamas, sekushone abantu abangaphezu kuka-22 000, iningi labantu abashonile ngabasePalestine.
IHamas iyona eyagadla kuqala, i-Israel yabe isiziphindisela.
Selokhu yaqala impi, elakuleli belilokhu lizwakalisa ukweseka abantu basePalestine.
Esicelweni esingamaphepha anga-84 esifakwe yiNingizimu Afrika ngasekupheleni konyaka owedlule, elakuleli lisole i-Israel ngokuqinisa isandla.
Kepha iMelika yona isola elakuleli ngokuvikela iHamas.
Okhulumela umkhandlu wezokuphepha eMelika, uMnuz John Kirby, uthe isicelo esifakwe elakuleli asinabo ubufakazi.
“Uma uzokwenza izinsolo ezibucayi njengalezi kufanele ube nento ebambekayo. Esikubonayo esicelweni izinsolo nje ezingenabo ubufakazi. Thina akukho lapho sibona khona i-Israel ibhubhisa abantu.”
UKirby uthe bazosamukela isinqumo esizothathwa inkantolo yamazwe omhlaba.
“Siyayihlonipha kakhulu inkantolo yamazwe omhlaba ngoba inikezwe umsebenzi obalulekile. Sizosihlonipha isinqumo sayo.”
I-Israel ivele nayo isisigxekile isicelo seNingizimu Afrika.
Okhulumela uhulumeni waKwa-Israel, uMnuz Eylon Levy, uthe bona bayazivikela kwiHamas athe ihlose ukuqeda ngabantu baKwa-Israel.
ULevy usole elakuleli ngokuvikela iHamas.
“Umhlaba uyanibuka, ngelinye ilanga niyophendula ngezenzo zenu.”
ULevy uthe bazosiphikisa isicelo esifakwe yiNingizimu Afrika, wathi bazothumela abameli abasezingeni eliphezulu ukuba bayobamela.
Amazwe asephumele obala, azwakalisa ukweseka isicelo seNingizimu Afrika, yiTurkey neMalaysia.
Umnyango wezokuxhumana namazwe angaphandle eTurkey, uthe ufuna ukubona kuthathelwa izinyathelo labo abandakanyeka ekubulaweni kwabantu abangaphezu kuka-22 000.
Esitatimendeni, lo mnyango uthe isicelo esifakwe iNingizimu Afrika sizokwelekelela ukuqeda impi eqhubekayo.
Ihhovisi lezokuxhumana namazwe angaphandle eMalaysia lona lithe bazoseseka isicelo esifakwe elakuleli.
“Lesi sicelo sizonikeza i-Israel ithuba lokuba iphendule ngokubulawa kwabantu emhlabeni wamaPalestine. ElaKwa-Israel linesibophezelo sokuba lipheze ukubulala abantu eGaza.”
Ekhaya, amaqembu amaningi ezepolitiki azwakalisa ukuseseka isicelo esifakwe elakuleli.