UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme ophinde engamele ezeSayensi nobuChwepheshe kuleli, uDkt Blade Nzimande, usememezele ukuthi iNingiimu Afrika isiqalile ukucwaninga ikhambi lesintu eliwundabuzekwayo kulezi zinsuku, umhlonyane ngenhloso yokuwusebenzisa njengekhambi lecoronavirus.
UNzimande uthe nensangu nayo iyahlolwa nemikhiqizo yayo ukuze leli gciwane livinjwe ngazo zonke izindlela.
Umhlonyane waziwa kakhulu ngokukwazi ukwelapha umkhuhlane ojwayelekile ohambisana nokukhwehlela nobuhlungu bamalunga omzimba, okungezinye zezimpawu zomuntu osehlaselwe yiCovid-19. Uyabalwa nasekwelapheni izinkinga zesisu okuwukuqunjelwa.
UMHLONYANE okuyikhambi lakudala lesintu, lizohlolwa wuhulumeni wakuleli ukuze lisetshenziswe empini yokulwa neCovid-19"Ekulweni neCovid-19, sesiqalile nokuhlola amakhambi esintu njenge-Artemisia afra or African wormwood eyaziwa ngesiNguni, ngokuthi wumhlonyane,"kusho uNzimande ekhuluma kwi-ENCA ngoLwesithathu emini.
Ezinyangeni ezedlule uMengameli waseMagadascar u-Andry Rajoelina watshela umhlaba ukuthi izwe lakhe linobufakazi bokuthi umhlonyane uyakwazi ukwelapha iCovid-19.
Wakuveza nokho ukuthi akukho cwaningo lososayensi olusenziwe ngalokhu, abakwaziyo kuwulwazi lwasemandulo ngalesi sitshalo.
Wanxusa ososayensi ukuthi balihlole ukuze umhlaba wonke usizakale njengoba lolu bhubhane lukhahlameze umhlaba wonke.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Zweli Mkhize walamukela leli khwelo, wathi leli lizwe lizokwenza imizamo yokuthi leli khambi lihlolwe.
INSANGU ibalwe emakhambini ahlolwa nguhulumeni waseNingizimu Afrika ekulweni neCovid-19 Isithombe: REUTERS
UNzimande uthe njengamanje kubekwe eceleni imali ewuR90 million, kodwa leli lizwe lisadinga olunye uxhaso ukuze kwenzeke lolu cwaningo ngempumelelo.
Uvezile ukuthi akhona amazwe njengeCanada namanye asevumile ukufaka isandla ocwaningweni lweNingizimu Afrika.
"Sizosebenzisana kakhulu nabelaphi bendabuko ukuze wonke lamakhambi esintu asizayo sikwazi ukuwacwaninga. Insangu nayo siyayibala kulezo zinto esizihlolayo. Angisho ke njalo ukuthi azilime ziye etsheni ngokubhenywa kwensangu, kuthiwe uNzimande uyena owashoyo,"kusho uNzimande.
Kwezinye zezinto ezibalwa ngensangu, wukuthi iyasiza ukwelapha izinkinga ezihambisana nobunzima bokuphefumula.
Abanye ongoti kwamanye amazwe bayisebenzisela ukwelapha isifuba somoya i-Asthma.