ISEHLUKANISO asizange siziphazamise izinhlelo zeSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
Ihhovisi leSilo limemezele ukuthi ziyaqhubeka izinhlelo zeMbube yize ibhekene nesehlukaniso nomunye wondlunkulu bayo.
Phakathi kwezinhlelo ezimenyezelwe ihhovisi leSilo kubalwa ukugcagcelwa kweSilo kanye nemikhosi emibili ezokwenziwa kule nyanga.
Okhulumela iSilo, uMntwana uSimphiwe Zulu, uveze ukuthi iNdlulamithi yamakhosi iyaqhubeka nokwenza umsebenzi wesizwe.
UMntwana uSimphiwe uthe sekunamasonto amabili iMbube isemgonqweni njengoba kuqhubeka uMkhosi wokweShwama.
“Emasontweni amabili uqalile umkhosi esigodlweni eMashobeni. Njengamanje umkhosi uyaqhubeka, iNgonyama igonqile. Umsebenzi uhamba kahle futhi sibona ngisho nemvula noma indlela uNkulunkulu asikhumbula ngayo ukuthi umkhosi kaZulu uhamba ngendlela.”
UMntwana uSimphiwe uthe ibutho lizofika ngoMgqibelo esigodlweni eMashobeni, wathi ngeSonto liyobe seliphuma liyogawula usekwane.
“Ngomhla ka-13 kubikwa inhlambeko, kuyothi mhla ka-14 ebusuku, kuzokusa kube umhla ka-15, lapho kugcwala khona inyanga, izinsizwa ziyokube sezibamba inkunzi njengoba sazi-ke ukuthi lolo siko luyaye lugcinwe. Ngomhla ka 16 kuyokube sekuba iladi lapho kuyobe sekuphothulwa umsebenzi.”
UMntwana uSimphiwe ukhumbuze ibutho ukuthi ngosuku lokuphothulwa komkhosi ibutho livunula ngamashoba ahamba emahlombe, wathi aziphathwa izagila nodonkana.
“Siphatha izinduku ezimnyama. Abantu bayayazi imithi eba mnyama uma isivuthiwe.”
UMntwana uSimphiwe uthe emva kwalo mkhosi kuyobe sekuqalwa amalungiselelo oMkhosi waseSandlwana.
Umkhosi uzokuba ngoJanuwari 22.
“INgonyama ithe ayifisi ukuthi imikhosi ebalulekile kanje yenziwe ngosuku okungelona olwesigameko. Siyazi ukuthi umhla ka 22 ilona suku uZulu atholana ngalo namaNgisi. INgonyama icelile ukuthi umkhosi wenziwe ngomhla ka 22 yize uphakathi nezinsuku.”
UMntwana uSimphiwe uthe iSilo sicelile ukuthi umkhosi wenziwe ngosuku olufanele.
Ngeleldlule kuvele izindaba zokuthi iSilo sifake isicelo sokwehlukanisa nomunye wondlunkulu baso.
Emaphepheni afakwe eNkantolo eNkulu eMgungundlovu iNdlulamithi yamakhosi ikhale ngokuthi umshado wayo nondlunkulu ngeke usalungiseka, yaveza ukuthi sekuphele unyaka behlala ngokwehlukana.
Ngalo eledlule kuphinde kwavela izindaba zokuthi iSilo sizogcagcelwa uNdlunkulu uNomzamo Myeni.
UMntwana uSimphiwe umemezele ukuthi iSilo sizogcagcelwa ngoJanuwari 26, kuzoqala umkhehlo ngoJanuwari 24.
“Lona umsebenzi omkhulu odinga kuphelele sonke isizwe namakhosi.”