Kuphuzwa ngayo itiye indaba yokwenyuka kwesibalo samalungu eKhabhinethi emenyezelwe nguMengameli Cyril Ramaphosa, eyakhiwe abaholi bamaqembu ahlukene.
IKhabhinethi ayimemezele ngeSonto ebusuku ePitoli, iqukethe oNgqongqoshe abangu-32, namaPhini abo angu-43.
Lokhu kusho ukuthi iKhabhinethi inamalungu angu-75.
Amanye amaqembu asebenzisana ne-ANC kuhulumeni wobumbano anezikhundla zongqongqoshe eziwu-12, kweziwu-32 kanti i-ANC ithole eziwu-20.
Amaphini ongqongqoshe e-ANC angu-35, kuthi amanye amaqembu anezingu-10. Eminye iminyango inamaphini amabili ongqongqoshe.
IKhabhinethi yehlandla eledlule ibinongqongqoshe abangu-30.
URamaphosa uhlukanise eminye iminyango, waqeda ngomnyango wezamaBhizinisi kahulumeni kanti izinkampani ebezingaphansi kwalo mnyango, zizofakwa eminyangweni ehlukene.
Uhulumeni wobumbano osayine isivumelwano sokubusa izwe, yisona sizathu esenze ukuthi uRamaphosa angakwazi ukunciphisa isibalo songqongqoshe.
Kwayena uRamaphosa uvumile ukuthi wayehlele ukwehlisa isibalo seKhabhinethi ngenxa yokuthi bekunezikhalazo ezweni.
Kodwa ngenxa yokuthi bekudingeka ukuthi adidiyele amaqembu ahlukene kwiKhabhinethi, wabona kunesidingo sokuthi angasehlisi isibalo kodwa asenyuse ukuze kusebenzeke.
Umholi we-ActionSA uMnuz Herman Mashaba, ukhale ngokuthi abakhokhi bentela bazofaka isandla sishone ephaketheni ngenxa yale Khabhinethi.
UMashaba uthe bekunesikhalo ezweni sokuthi kumele kwehliswe isibalo songqongqoshe kodwa uRamaphosa ukushaye indiva lokhu.
“Le Khabhinethi izodla ngaphezu kukaR1 billion ngonyaka, okuhlanganisa umholo, imihlomulo nezinto ezithinta ukugadwa kwabo. Kule mali kukhona neyabasebenzi abazobe besemahhovisi ongqongqoshe namaphini abo.”
Okhulumela i-EFF uNksz Leigh-Ann Mathys, ugxeke iKhabhinethi wathi bekwabelwana ngezikhundla emaqenjini ahlukene ayingxenye kahulumeni wobumbano.
Uthe: “Lezi zikhundla zinikwe abelungu abazoqhuba imigomo esekwa ongxiwa, kusetshenziswa abantu abamnyama okuyibo abaningi. Siyayichitha eyeKhabhinethi egcwele ababandlululi.”
Usihlalo we-DA Federal Council uNkk Helen Zille, uthe ubengenalo ulwazi ukuthi sizonyuswa isibalo seKhabhinethi. Uthe uzwe ngayo ngesikhathi uRamaphosa eseyimemezela.
“Besingazi ukuthi iKhabhinethi izonyuswa kangaka ukuze i-ANC izuze kakhulu kunalokho obekumele ikuthole. Besazi ngezikhundla ebezizotholwa yi-DA kuphela. Besazi futhi ngokuhlukaniswa kweminye iminyango. Ukunyuswa kwesibalo seKhabhinethi akuhlangene ne-DA.”
Uthe bebefuna iKhabhinethi encane wathi ukube bekulandelwe imigomo yokuthi kwabiwe ngokuthi amaqembu athola izihlalo ezingaki, ngabe ayibanga nkulu iKhabhinethi.
UMnuz Wayne Duvenage isikhulu esiphezulu senhlangano i-OUTA, uzwakalise ukukhathazeka ngokwanda kweKhabhinethi.
Uthe emnyangweni wezokuMbiwa Phansi bekumele lo mnyango ophethwe nguMnuz Gwede Mantashe, ufakwe ngaphansi komnyango kaGesi.
“Le bekuyindlela yokuhlomulisa amalungu e-ANC. Bekungamele kugcinwe umuntu ofana noDkt Blade Nzimande, osesemnyangweni wezeSayensi ngoba lo mnyango bekungamele futhi uhlukaniswe nomnyango weMfundo ePhakeme nokuQeqesha.”
Ukhale ngokuthi uNzimande bekumele asuswe ngoba ushiye emoshe isikhwama iNSFAS.
ICosatu ikhale esifanayo ngesibalo esikhulu seKhabhinethi.
UMnuz Matthew Parks weCosatu, uthe badumele ngokwandiswa kwesibalo samaphini ongqongqoshe.
“Siyayamukela iKhabhinethi kodwa siyakhala ngesibalo samaphini ongqongqoshe. Sizosebenzisana neKhabhinethi ukuphucula impilo yabantu.”
ISACP ikhale ngokwanda kweKhabhinethi yathi lokhu kusho khona ukuthi i-ANC ilahlekelwa amandla.
Umhlaziyi wezepolitiki uDkt Levy Ndou, uthe uRamaphosa ubengaphansi kwengcindezi yokuthi anyuse isibalo seKhabhinethi ukuze kumeleleke uwonke wonke emaqenjini akuhulumeni.
“Iyakhathaza eyokwanda kwesibalo seKhabhinethi. Kodwa ibingekho into abengayenza ngoba izikhundla zibalulekile kwipolitiki. Isizathu esenza amaqembu angenele ukhetho ingenxa yezikhundla.”
Amanye amaqembu akuhulumeni ne-ANC ayamukele iKhabhinethi.
Akuqali ukuthi kube neminyango enamaphini amabili ongqongqoshe. Ngisho eminyangweni kahulumeni wezifundazwe esuke ihlanganise iminyango emibili, kujwayelekile ukuthi kube nezinhloko zomnyango ezimbili.
UNdou uthe amaphini ongqongqoshe enza imisebenzi ehlukene eminyangweni esuke ihlanganisiwe.
Iminyango okubalwa owezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, owezokuVikela ofaka namaMilitary Veterans, owezokuQasha nowezabaSebenzi, owezamaHlathi, ukuDoba nezeMvelo anamaphini amabili ongqongqoshe.
“Yinto ejwayelekile akukho okusha ekutheni kube namaphini amabili emnyangweni owodwa,” kusho uNdou.