KUSUKE inhlokomo kubonakala umholi wamaNazaretha eBuhleni, uMnuz Mduduzi Shembe uNyazilwezulu edansa emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa lukankosikazi wakhe, uMaMsomi, eBuhleni ngoLwesibili ngeledlule.
Leli phephandaba linayo i-video eveza uNyazi ludansa nonkosikazi walo kugujwa usuku lokuzalwa. Kuthiwa umcimbi ubusemzini woNyazilwezulu eBuhleni.
Ukudansa kwalo kwenze kwaba nemibono emalungwini ebandla ekhala ngokuthi umholi akenzi kanje noma ngabe kujatshuliwe.
KwiFacebook kukhona abathe imicimbi yokugubha usuku lokuzalwa yomholi iyenziwa kodwa kuba nesizotha futhi awufakwa umsakazo, kuculwa amaculo esonto kube yinkonzo.
Umthombo weSolezwe ngeSonto uthe amalungu ebandla afisa nokuthi uNyazi lumiswe esikhundleni sokuba wumholi, luquliswe.
“Lokhu okwenziwe wuNyazilwezulu kukhombise ukungabi nanhlonipho futhi kudicilela phansi isithunzi sebandla. Okubuhlungu kakhulu wukuthi lwenza njena nje sekuqale nomgubho wesikhumbuzo seNyangayezulu. Uma kuyilesi sikhathi umholi usuke engasahlangani nezinto eziningi kodwa usuke ezilile ehleli eGetsemane. Ngisho ukunikela kwamalungu ebandla kusuke kumisiwe uma kuyilesi sikhathi umholi engamukeli mnikelo. Lokhu sekufakazela isiphrofetho senkosi Ilanga elathi ngelinye ilanga kuyoba nomholi oyokwenza izinto eziphambene nenqubomgomo yamaNazaretha. Lathi lowo Shembe uyothi akudanswe ebandleni, kuphuzwe notshwala,” kusho umthombo.
Kuthintwa okhulumela abaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe:“Umuntu uma ekwakhe wenza noma yini ethandwa uyena nomndeni wakhe. Mina njengoMncwabe ngeke ngivume ukuthi unkosikazi wami adanse uma kunomcimbi ngoba ngikholelwa ekutheni akumele unkosikazi adanse. Inkosi nayo iwubaba kwayo futhi inezinqumo zayo ngokwenzeka emzini wayo,” kusho uMncwabe.