NKOSIKHONA CELE
BASEMBHIDLANGWENI wokulekelela imindeni entulayo ngezindlela ezahlukene abesifazane baseMadadeni, eNewcastle, abangaphansi kwenhlangano iNhliziyonye.
Laba besifazane bakholwa ukuthi miningi imindeni edinga ukulekelwa ezindaweni ezisemakhaya.
UNkk Sibongile Buthelezi, oyilungu eliqavile lenhlangano uveze ukuthi okuseqhulwini kubona ukutakula imindeni eswele ikakhulu leyo engesanabo abantu abondlayo naleyo eholwa yizingane esezashiywa yibo bonke abazali.
Uthi vele ngesikhathi beyisungula inhlangano babehlose khona kanye ukubeka eqhulwini le mindeni.
"Sesihambe ibanga elide kakhulu emkhankasweni wethu wokulekelela imindeni entulayo. Sifisa sengathi lo msebenzi wethu ungaqhubekela phambili,'' usho kanje uNkk Buthelezi.
Uthe inhlangano yabo ukuze iphile futhi ibe nenqubekela phambili incike ekutheni kube khona iminikelo abayithola kosomabhizinisi abehlukene.
''Ukukhuluma iqiniso nje, asiyilutho ngaphandle kweminikelo. Yiyona edala ukuthi sikwazi ukuyophosa itshe esivivaneni lapho esisuke sesihlele ukuyolekelela khona,'' usho kanje.
Unxenxe nabanye osomabhizinisi abangathanda ukuthi bafake isandla ukuba basondele ukuze uzoba lula umsebenzi wabo.
Le nhlangano yenza umsebenzi othi awufane nowosonhlalakahle njengoba kweminye imisebenzi, ihambela imindeni bese ihlonza okungahambi kahle bese ixhumana nezinhlaka ezifanele ukuxazulula izinkinga zobubha abahlangabezana nazo.
Udalule ukuthi nyanga zonke kunemindeni abaqinisekisayo ukuthi ilala idlile. Kodwa kwesinye isikhathi uthi kuye kube lukhuni satshe ngenxa yokuthi kubuye kushode kwezezimali.
"Siyanxusa bakithi ukuthi noma yimuphi usomabhizinisi ongathanda ukusondela enze kanjalo,ngeke azisole,'' usho kanje.
Uthe babuye banikekezele nangosizo lwemifaniswano yesikole kulabo bantwana okuba nzima ukuthi bayithenge emakhaya abavela kuwona.
Uthe uma konke kuhamba kahle bahlela ukuthi ukusebenza kwabo kugcine sekukapakela nakwezinye izingxenye zaseNingizimu Afrika.
Uveze nokuthi yize begxile kakhulu ekunikezeleni ngosizo emindenini eswele kodwa babuye bakhuthaze kakhulu ukugcinwa kwezinto zesintu namagugu.
"Isikhathi esiningi siye sibonakale sivunilile ngoba siyazigqaja ngesintu sethu esasiphiwa nguNkulunkuliu,'' uphethe kanjena.