SIMUNCU isimo ethempelini lamaNazaretha, Ekuthuleni, eNkandla emva kokuthi inhlalisuthi iphihlize umshumayeli ngesagila kubangwa ukungena ethempelini.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi kumanje kunecala eliseNkantolo yeMantshi eNkandla, emva kokuhlaselwa kukaMshumayeli uMnuz Bonguyise Ntombela.
Kuthiwa uhlaselwe yinhlalisuthi uMnuz Mbongiseni Maphumulo.
Umthombo waleli phephandaba uthe yize icala lisenkantolo kodwa selubikwe nasenduneni yendawo, uMnuz Moses Nxumalo.
AmaNazaretha aseNkandla akwisekhethe engaphansi kobuholi boNyazilwezulu.
“Indaba isuswe ukuthi inhlalisuthi uMaphumulo avimbele uMshumayeli Ntombela ukuthi angene ethempelini ukuzokhonza. Le nhlalisuthi isola uNtombela ngokuthi wagenca izihlahla ezisethempelini wamiswa yibandla. Ngesikhathi ezongena ethempelini, imtshele ukuthi akakavumeleki ukungena esontweni, base beyahilizisana lapho. Inhlalisuthi ayibange isachitha sikhathi yavele yagadla kuqala kumshumayeli. Kuthe kusalanyulwa lapho yadonsa isagila yalitheza phezulu kumshumayeli. Balanyulwe sekukubi umshumayeli esebomvu yigazi,” kusho umthombo.
Kuthintwa umshumayeli Ntombela, uthe imphethe kabi le ndaba ngoba akazi ushayelweni.
“Okubuhlungu ukuthi kuzoyiwa entabeni ngoJanuwari ungahlanjululiwe umuzi wenkosi (ithempeli) njengoba kwachitheka igazi khona. Icala belingenile ngoDisemba 12, lizobuyela ngoJanuwari eNkantolo yeMantshi, eNkandla. Njengoba udaba lusenduneni mina anginankinga luyoxoxwa khona ngoba ngijahe luxazululeke ukuze siye entabeni sekugezwe nomuzi wenkosi,” kusho uMshumayeli Ntombela.
UMaphumulo uvumile ukuthi uyasazi isigameko.
“Mina ngangingalwi noMshumayeli uNtombela, kodwa ngambuza ukuthi uza kanjani ethempelini ngoba wamiswa futhi akayilandelile imigudu efanele ukuthi abuyiselwe enkonzweni. Kunokuthi angiphendule kahle wavela wangichapha ngenhlamba, wangitshela nokuthi angiyilutho. Elokungabi yilutho lingicasule kakhulu. Kuvele kwamnyama amehlo ngazithola sengikuyena ngesibhakela. Isagila ngasihlwitha kuyena ngamshaya ngaso. Banehaba abathi ngamphihliza ngaso ikhanda kodwa ngamshaya esithweni nje, salanyulwa,” kusho uMaphumulo.
Induna yendawo, uMnuz Moses Nxumalo uthe selubikiwe lolu daba kuyena, kodwa usanxuse ukuthi abefundisi abaphethe amaNazaretha kwisekethe yaseNkandla baludingide ngaphakathi ebandleni. Uthe inkinga ukuthi abefundisi abaphethe isekhethe babili, okunguShandu odabuka eShowe noMfundisi Thokozani Gumede. Ngokwazi kwakhe uthe isekethe ayikwazi ukuba nabefundisi ababili, okuyiyona into abona ukuthi idala ukungezwani kumalungu ebandla njengoba kukhona abahamba noGumede abanye bahamba noShandu.
Kuthintwa uShandu (elingatholakalanga igama lakhe) uvele wabhoka ngolaka wathi ngeke esaphawula ngoba lolu daba seluyiswe ephepheni.
Umfundisi Gumede uthe noma engazi ukuthi lufike kanjani ephepheni kodwa uyalwazi futhi basazama ukululungisa.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe kumele balulungise ngokwesonto lolu daba.
“Inkinga ukuthi uma unecala onalo elingakapheli esontweni awukwazi ukuya entabeni eKhenana njengoba kuyiwa khona ngoJanuwari. Kuzomele balulungise ngokushesha ngoba bazovaleleka. Noma ngabe luyalungiswa ngokwenkantolo kodwa kumele luxoxwe nasesontweni ngoba luthinta isonto, akwanele ukuthi lube senkantolo,” usho kanje.