SEZIPHENDUKE insakavukela umchilo wesidwaba izigameko zokusha ubuhanguhangu kwemijondolo ezindaweni ezahlukene ezweni nokuyaye kudlule nemiphefumulo yabahlali.
Ngokocwaningo olusanda kukhishwa yi-United Nations, iNingizimu Afrika iseqhulwini ohlwini lwamazwe anenselelo yokuqubuka komlilo oshiya kukhihlwa isililo emijondolo cishe zonke izinsuku.
Le ngwadla yandisa inhlupheko nosizi ebantwini ngoba kuyenzeka kuphume izidumbu okanye kulimale abantu kanzima ngenxa yokusha. Abanye basala bengenalutho, kudingeke bayiqale phansi impilo.
Kuvela izizathu ezehlukene njengembangela yomlilo kuleli okubandakanya ubudedengu kubahlali, izidakamizwa, ugesi wezinyokanyoka nokuminyana kwezakhiwo.
Ngonyaka odlule kwacishe kwavalwa ngehlahla emndenini wakwaXaba kwaF eMlaza ngesikhathi kushona izingane ezimbili zamantombazane.
Kulesi sigameko kwashona uNksz Smangele Xaba (19) udadewabo omncane noNksz Zisansa Xaba (13) abashela endlini kwaphela ngabo.
UNksz Bawinile Xaba (44) noMlondi Xaba (16) kuthiwa baphuma ngembobo yenaliti.
Ngawo unyaka odlule Isolezwe labika kabanzi ngesigameko sesemijondolo yaseKenville, eThekwini, lapho owesifazane owayesezoteta, uNksz Nomthandazo Dawodi (30) washa wangqongqa nomntwana ayemkhulelwe.
Ngo-Agasti 2015 kuyona le mijondolo kwaba nesigameko esanyantisa igazi ngenkathi uNksz Khangelaphi Mbatha (52) nendodana yakhe, uMnuz Mondli Mbatha (25) besha baze bafa bekhala becela usizo bevalelekile.
Maphakathi nonyaka odlule basala dengwane abahlali basemjondolo yaseThandanani, ngaseGreenwood Park, kusha imijondolo yakule ndawo engu-80.
Kwaba nezinsolo zokuthi umlilo wawuqalwe ngebhomu likaphethroli ngabathile njengoba kwahlaluka ukuthi kunenhlese yezepolitiki edala ukungezwani endaweni.
Osekomitini elimele umphakathi waseThandanani, uMnuz Jonhson Mgege wezwakalisa ukudumala okukhulu ngalesi sigameko.
Owagileka kulesi sigameko, uMnuz Sicelo Cele wezwakalisa ukukhathazeka okukhulu echaza ngokusha kwendlu yakhe,
Lesi sigameko senzeka kungakapheli isikhathi eside kushe imijondolo engu-20 kuyona le ndawo.
Ngasekupheleni konyaka odlule abahlali basemijondolo yaseSeacow Lake, eKenville, basale dengwane ngemuva komlilo owagcina usha ubuhangahangu kwasha inqwaba yemijondolo.
UMnuz Stayela Mkhize ongomunye wabaholi bomphakathi wabahlali basemjondolo eSeacow Lake ubalule izizathu ezehlukene athe ziyimbangela yokusha kwemijondolo.
Eqhulwini ubalule inkinga yokuxhunywa kukagesi wezinyokanyoka.
"Inkinga enkulu yalo gesi ukuthi uhamba noma yinini. Kuba nobudedengu obukhulu bokuthi uma uhamba ugesi abantu bakhohlwe ukucisha izitofu bese kuthi uma ubuya ugesi kudaleke umonakalo,'' usho kanjena.
Eqhuba uthe kungaba yiqhinga elihle ukuthi umuntu abe nogesi wakhe yedwa osendlini. Ubale ukuminyana nakho njengembangela enkulu yokusha kwezakhiwo eziningi uma kuke kwasha esisodwa.
"Lokhu kudala ukuthi ngisho abezicishamlilo kube lukhuni satshe ukuthi bangene basize uma sekuqubuke umlilo,'' kuchaza yena.
Uphonsele umasipala inselelo yokuthi uthathe abantu ubayise ezindaweni ezingcono kunasemijondolo.
NgoDisemba uMphathiswa woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu esifundazweni, uMnuz Siboniso Duma ehambisana noNgqongqoshe walo mnyango uNkk Thembi Nkadimeng banikezele ngezindlu ezingu-63 kwabasemijondolo yaseMasinenge, eThekwini.
Lokhu kwenzeka emva kokusha kwemijondolo yabo ngoDisemba 26.
UDuma wathi basezinhlelweni zokuthi bagcine benikezele ngezindlu kubahlali abangu-882 abasasele kule mijondolo.
Sekuyinsakavukela ukuthi njalo ngesikhathi samaholidi okuphela konyaka imijondolo ishe ubuhanguhangu ezindaweni ezehlukene ezweni.
E-Western Cape abantu baseVrygrond, ngaseMuizenberg bagilwa umlilo kwasha imijondolo engu-16. Bashelwa yikho konke ababenakho. Muva nje basanda kunikwa izinto zokwakha kabusha.
Kwesinye isehlakalo ezakhiweni ezidume ngokuthi iseNomzamo, e-Orlando East, eSoweto, indoda ihilwe yintuthu yashona ngoKhisimusi. Lapha kusale abantu ababalelwa ku-600 bengenazo izindawo zokufihla ikhanda.
NaseMgungundlovu kunezindawo ezinjengaseMasukwana lapho bese kwaziwa ukuthi kuhlale kuqubuka umlilo emijondolo yakhona.
Inkinga yokusha kwemijondolo akusikona ukuthi abaphethe kabayazi. Basukuma kuphela uma kusanda kusha indawo ethile, bakhiphe izinto zokwakha bese kuqhutshekwa nempilo.
Inselelo enkulu wukuthi ukwakhiwa kwemijondolo akulawulwa wumuntu okwenza kube yisidlidli esingenazindlela okanye imigwaqo. Ngisho imithetho yezokuphepha kwezakhiwo kayilandelwa ayisaphathwa-ke eyezempilo.
Uhulumeni uhlale uveza izifiso zokuqeda imijondolo kepha sekucacile ukuthi iyiqatha elimbindayo ngenxa yokuhluleka wukuqeda inhlupheko nokungalingani ebantwini.