KUQOTHWE abayisikhombisa okukhona kubo nezithandani, okuthiwa badutshulwe bezihlalele endlini abebebhemela kuyo emzini wakaMthembu oseFolweni, ngeSonto ebusuku.
UMnuz Sipho Mthembu (32), intombi yakhe uNksz Sanelisiwe Ngcobo (esingenayo iminyaka yayo) nomakhewane wakhe uMnuz Lungisani Phahla (30) okuthiwa ubewumngani kaMthembu omkhulu nabangani babo abathathu badutshulwe bashonela endaweni yesigameko kwathi owesikhombisa kubona washonela endleleni ebheke esibhedlela.
Kulesi sigameko esishaqise amalungu omphakathi, kushone abesilisa abane nabesifazane abathathu.
Unina kaMthembu uNksz Thandazile Mthembu obekhona emzini wakhe ngesikhathi kudutshulwa indodana nabangani bayo, elandisa Isolezwe ngokwenzekile uthe bekungabo- 8 ebusuku egeza izitsha ekhishini ngesikhathi kwenzeka isigameko.
“Kungene umfana wami wacela ukuphaka ukudla wabe esethi angingavali, waphuma nako waya endlini yakhe lapho bevamise ukubhemela khona nabangani bakhe. Akuphelanga sikhathi esingakanani ngezwa ukuqhuma kwesibhamu ebesiqhuma siphindelela, kangangoba nami bengizizwa izinhlamvu zishaya odongeni, ngathuka kakhulu.” echaza
Uthe ngendlela abethuke ngayo wesabe ngisho ukuphuma, ubelokhu ezwa nje bekhala becela usizo kwaze kwabe bayathula, uphume ekuseni sekuthathwa izidumbu.
Uthe ayikho ingxabano noma abantu indodana yakhe embikele ukuthi ayizwani nabo ngakho bewumndeni bashaqekile. Uveze ukuthi abanye abashonile akabazi kodwa uyazi ukuthi bangabangani bendodana yakhe.
Ngesikhathi Isolezwe lifika kulo muzi, bekusagcwele amalungu omphakathi abesashaqiswe yisenzo sokubulawa kwalaba abayisikhombisa. Yize umndeni ungaphumelanga obala ngokuthi hlobo luni lwesidakamizwa ebesibhenywa abagilwa, kodwa Isolezwe lithole ngemithombo yalo ukuthi bebevamise ukuzivalela babheme insangu newunga, futhi bebengasebenzi.
Unina kaPhahla, uNksz Nomusa Phahla uthe indodana yakhe beyizwana kakhulu noMthembu kangangoba bebejwayele ngisho ukulala ndawonye, bavakashelane.
“Ekuseni namuhla (izolo) ngibuzwe elinye ilungu lomphakathi ukuthi ngikuzwile na ukuqhuma kwesibhamu kwaMthembu. Ngivele ngasola ukuthi noma kanjani uLungisani ubekhona kaMthembu. Ngisukile ngaya kwaMthembu, kuthiwe angingangeni endlini okwenzeke kuyo isigameko, kodwa ngadlubulundela ngangena ngempela ngabafica bedindilizile. Ngendlela engiphatheke kabuhlungu ngayo, nginyukelwe ushukela, “ kubalisa uNksz Phahla.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uBrigadier Jay Naicker uthe uphiko lwabaphenyi ezingeni lesifundazwe luphenya amacala okubulala.
“Sinxusa noma ngubani ongaba nolwazi olungalekelela amaphoyisa ophenyweni lwawo athinte amaphoyisa enombolweni ethi; 0860010111,” kusho uNaicker.