UKUFAKELWA ngempumelelo isibindi somntwana ongenayo iHIV, esinikelelwa wunina onaleli gciwane, kungenzeka kuholele ekutheni kushintshe imigomo ngokunikela ngezitho zomzimba kuleli.
Ngokusho kukaDkt Aaron Motsoaledi onguNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke, ukufakelwa kwesibindi sale ngane, kungase kusetshenziselwe ucwaningo ngemigomo yokunikelwa ngezitho zomzimba.
Okwamanje, kusathathwa njengento engeyinhle ukuthi abantu abaphila neHIV banikele ngezitho zomzimba.
Lokhu kungase kwenzeke kushintshe emva kokuthi umama enikele ngesibindi sakhe enganeni yakhe enezinyanga ezingu-13 obegula ngokwedlulele.
“Sizobheka imigomo ukuthi ithini sibheke futhi ukuthi ingashintshwa kanjani,” kusho uMotsoaledi.
Uthe abacwaningi kulo mkhakha kuzomele babe yingxenye yokufakela izibuko lolu daba.
NgokukaMotsoaledi, uma abacwaningi bethola ukuthi abantu abaneHIV bangakwazi ukuthi banikele ngezitho zabo zomzimba, lokhu kungenza ukuthi kuthathe isikhathi ukuxazulula ukushoda kwezitho zomzimba kuleli.
Lokhu kukholelwa wukuthi kungokokuqala ukuthi kwenzeke emhlabeni, kanti abacwaningi baseWits University yibona abenze lo msebenzi.
Ingane nonina ngeke badalulwe emphakathini ngenxa yemfihlo ekhona phakathi kukadokotela nesiguli.
Odokotela baseWits Donald Gordon Medical Centre, bathe ingane ibinesifo esidinga ukuthi ifakelwe isibindi.
Ngenxa yokushoda kwezitho ezinikelwayo, le ngane ayikwazanga ukuthola lesi sibindi.
Unina nguyena oze wazijuba ukuthi anikele ngesibindi sakhe.