BAZWAKALISE indumalo abe-MK inkantolo ivimba umholi wale nhlangano, uDkt John Hlophe, ukuthi ahambele imihlangano yekomiti eliluleka umengameli ngezobulungiswa.
INkantolo eNkulu eWestern Cape ikhiphe isivimbelo sesikhashana esivimba ukuthi uHlophe ahambele imihlangano yekomiti iJudicial Service Commission kuze kuba kuphuma isinqumo esicelweni sokuthi akhishwe kuleli komiti.
Isinqumo senkantolo kuleli cala elifakwe i-DA nezinye izinhlangano ezifuna uHlophe achithwe ekomitini, sikhishwe ngoLwesihlanu.
Nakuba i-MK ithe asiyethusanga isinqumo senkantolo, izwakalise ukudumala.
“Akusimangazi lokhu okwenzekile ngoba sihlezi sisho ukuthi izinkantolo ziqhoqhobelwe abathize. Leli yiqhinga lezepolitiki lokuvimba ukuthi uHlophe abe ingxenye yekomiti,” kusho isitatimende esikhishwe i-MK.
I-MK iqhube yathi into eyenza ukuthi i-DA ingafuni ukuthi uHlophe abe ingxenye yaleli komiti eliphakamisa amagama okufanele babe amajaji, ukuthi ifuna uHlophe angaphazamisi ukuqokwa kwalabo abafunwa i-DA kwesenhloko yamajaji eWestern Cape.
“Bayazi ukuthi uHlophe akasinisi amahleza, lapho kukhona yena akudlalwa.”
UHlophe wayeyinhloko yamajaji eWestern Cape, wachithwa emva kombiko walo leli komiti.
I-DA nezinye izinhlangano zikhala ngokuthi uHlophe akakwazi ukuphinde abe ingxenye yekomiti elamchithayo.
Okhulumela i-DA, uNksz Karabo Khakhau, uthe isivimbelo senkantolo sisho ukunqoba kubona.
“Isinqumo senkantolo sihambisana nalokhu ebesihlale sikusho futhi sihambisana nemizamo yethu yokuqinisekisa ukugcinwa kwesithunzi nobuqotho kwezobulungiswa. Ijaji elakhishwa esikhundleni emva kokwephula imithetho alikwazi ukuthi lingahlala ekomitini eliphakamisa amajaji liphinde liqinisekise ubuqotho kwezobulungiswa.”
UNksz Khakhau uthe bazoqhubeka nokulwela ukuzimela kwezobulungiswa.
“Isinqumo sanamhlanje siyisiqalo nje. Ukuvumela uHlophe, owakhishwa esikhundleni emva kwempi yomthetho ende, ukuba abe ingxenye yokuqokwa kwamajaji bekuzokwenza ukuthi abantu baseNingizimu Afrika balahlekelwe ukwethemba ezobulungiswa.
“Isinqumo sanamhlanje sisho ukunqoba kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika abafuna ukubona ezobulungiswa ezizimele. Isinqumo siqinisekisa ukuthi labo abanikwa umsebenzi wokuqoka amajaji kufanele kube abantu abaqotho.”
Isinqumo senkantolo sisho ukuthi uHlophe ngeke abe ingxenye yemihlangano yekomiti ezokuba ngenyanga ezayo.