INDODAKAZI yowayengumengameli uJacob Zuma, uNkk Duduzile Zuma -Sambudla ifuna kuboshwe uMnuz Jabulani Khumalo emsola ngokuqamba amanga efungile.
UKhumalo noZuma bebesenkantolo yezoKhetho ebiseNkantolo eNkulu eGoli, izolo lapho bekulalelwe khona udaba lobuholi beqembu. UKhumalo owaxoshwa eqenjini umangalele i-IEC neMK afuna bambuyisele njengomholi emabhukwini.
Kungena leli cala nje iMK isematheni ngokugila izimanga okhethweni lukazwelonke obelungesonto eledlule.
Ummeli kaKhumalo u-Advocate Mfesane Ka-Siboto, uthe incwadi eyabhalelwa i-IEC kushintshwa ubuholi yakokotelwa kwaba sengathi ibhalwe yikhasimende lakhe.
UKa-Siboto udalule izinto eziningi athe azihambisani nencwadi kaKhumalo yangempela. Ubalule ngisho indlela asayina ngayo wathi ayifani. Okunye obekubangwa wukuthi ngabe udaba luyiswe enkantolo efanele yini futhi uKhumalo ubefanelwe yini ukufaka udaba.
Ummeli kaZuma neMK, u-Advocate Dali Mpofu usole uKhumalo ngokuhubhuza amanga encwadini yakhe efungelwe ayifake enkantolo.
UMpofu uthe kunamacala amathathu okuqamba amanga efungile okufanele uKhumalo abhekane nawo.
“ Icala lokuqala yilapho uKhumalo ethi ubuholi besikhashana bukazwelonke abunawo amandla okuthatha izinqumo. Kunencwadi ayibhalela i-IEC eyazisa ukuthi kuphethe ubuholi besikhashana bukazwelonke kuze kube kubanjwa ingqungquthela emuva kokhetho,’’ kusho uMpofu.
UMpofu uthe okwesibili uNkk Zuma- Sambudla uyingxenye yobuholi obuphezulu njengoba uKhumalo esemphika nje encwadini efungelwe ethi akanamandla.
“ Icala lesibili, kunencwadi eyabhalwa wuKhumalo azisa i-IEC ngamalungu asesigungwini lapho abala khona noNkk Zuma-Sambudla kodwa encwadini efungelwe usemchaza njengomuntu ongenawo amandla,’’ kusho uMpofu.
Uthe icala lesithathu wukuthi uKhumalo uthi uNkk Zuma-Sambudla wakokotela incwadi ayibhalela i-IEC ezenza yena. Kuvela nendaba yokushintshwa kwemininingwane yokungena kwezobuxhakaxhaka be-IEC yanikwa uNkk Zuma-Sambudla.
UMpofu uthe uNkk Zuma- Sambudla uzimisele ngokuvulela uKhumalo icala aphinde amsasazele ngabameli ngokumehlisa isithunzi.
Okuqaphelekile enkantolo wukuthi uKhumalo ubehleli eqhelelene kakhulu noZuma kungathi abazani. UKhumalo ubehleli emuva kommeli wakhe noZuma ngapha emuva kwethimba lakhe.
Amajaji asigodlile isinqumo athe adinga isikhathi sokuyocubungula kabanzi okwethulwe phambi kwawo.