UMSAMO: IDWALA LAPHAKADE
Kuloba uVelaphi Ka Lu Phuzi 'VVO' Mkhize
Kungenzeka ukuthi uke uzibuze esikhathini samanje ukuthi ngabe basekhona yini ogobela kumbe izinhlanya eziseneqiniso njengasemandulo. Sekukaningi uthola ukuthi sekwakhiwa imali ngabantu umuntu ebe engenalo ulwazi oluphelele. Omunye uthola ukuthi idlozi lakhe alikakabi sesimeni sokusebenza kodwa usejaha ukuthi izinto zenzeke bese eyaxhamazela.
Kukhona abantu abakhonjwayo kuthiwe abahambe bayofuna uhlanya olusendaweni ethize basho negama ngoba sebebonile abanikazi bomsebenzi nabadinga usizo ukuthi kulapho bezoluthola khona kanye nempande abayidingayo. Kodwa inkinga uthola ukuthi umuntu oyalelwa kanjalo uthi esahamba eduka ebuza indlela azithele kugobela kumbe uhlanya oluzomedusa luthi “hhayi mina ngingakwenzela lokho.” Kungakho-ke namhlanje sewubona umsebenzi wedlozi uqhubeka ubukeleka phansi.
Ngisuswa yisibonelo esihle esenzeke kwesinye isangoma esiseMgungundlovu uMakhosi uMatobhana kaMbheshe ozinze esiNathingi ngenkathi kufika kuye ithwasa elathwasa kodwa ngokudideka nokudidwa abasekhaya lagcina selikhetha ukulaxaza ukuthwasa langena esontweni ngoba libona izinto zalo zingahlangani.
Indaba iqala kanje. Ngenkathi ithwasa selikhethe ukuphephela esontweni kuthe ngelinye ilanga lihlezi esontweni kwafika izwi lekhehla inkonzo isha iphakathi lathi: “njengalokhu ulapha umsebenzi wethu uwushiye nobani?” Nokho ithwasa lavele laliziba izwi. Njalo uma lisesontweni lalilokhu libuya izwi libuze umbuzo ofanayo. Kuthe ekugcineni lathi ikhehla: “wena uthi izinto zakho azilunganga, kufanele ukuthi uyogida komalume bakho. Hamba uyofuna uMakhosi uMatobhana kube nguyena oyokugidisa, lokhu sekuyaphuthuma.” Nebala indaba iqale lapho lasukuma layofuna uMatobhana elimyalelwe yikhehla.
Ithwasa latshelwa ukuthi useMgungundlovu futhi naye uMakhosi lona wake wahlangana noMatobhana inkinga kwaba wukuthi akanazo izinombolo zakhe futhi akazi nokuthi ukuphi noMgungundlovu. Waluqala kanjalo-ke uhambo lwakhe.
Wayehamba ebuza kwabanye ababethwasa ukuthi bayamazi yini ugogo uMatobhana. Waze wazithela kwenye insizwa abathwasa nayo sigodlo sinye nakuba yena wayengaphambili kwaleyo nsizwa ngokuthwasa. Bahlangana wayichazela udaba lwakhe ebuza nokuthi ngeke yini yamsiza ngokumxhumanisa nogogo uMatobhana ayeyalelwe yena. Le nsizwa yalingisa uPetrus owaphika uJesu kathathu iqhude lingakakhali, yamphika uMatobhana yahlanza okwayizolo yathi ayimazi ngisho nakwaMadala eJuteni. Le nsizwa imphika nje uMatobhana imazi kahle ngoba babebonana ngisho esontweni besahamba izinkonzo ndawonye kanti nesigodlo le nsizwa edlule kuso naye uMatobhana udlule kusona elungisa izinto zakhe ezonakala.
UMatobhana lona wuqweqwe lwesangoma esathwasa ngezikhathi zeminyaka yo-1980 okwathi sekonakala izinto zakhe wathola ikhaya elisha esigodlweni lesi asebebuya kusona bonke kodwa ngezikhathi ezehlukene. Namhlanje sebephikana bonke ekubeni kufuze ukuba ngabe bayasizana.
Le nsizwa kunokuthi imsize uzakwabo yabona ithuba kulo makhosi. Yabe isithi yona ekubonayo njengalokhu ingamazi ugogo uMatobhana ngokwemibono yayo wukuthi kufanele imqalise phansi umakhosi lona ngoba sengathi akathwasiswanga kahle lapho athwasa khona. Yathi yona izomthwasisa kahle nozakwabo bamqondisele izinto. Ukhumbule ukuthi le nsizwa akukapheli ngisho iminyaka emibili iphothulile njengoba isithi ingathwasisa. Nokho akaphakamisanga mhlwengwa umakhosi lona wavele wavalelisa kodwa waqhubeka wafuna ugogo uMatobhana wagcina emtholile. Wenzeka umcimbi womgido lajabula idlozi. Wagcina echaza ugogo uMatobhana ukuthi yena walinda iminyaka eyisikhombisa ethwasile ngaphambi kokusebenza ngakho naye umakhosi akafunde ukulinda.
Lapha sibona izinto ezintathu: ukuthunywa yidlozi ngoba lizikhethela umuntu elifuna ukuthintwa uyena, kube umuntu othwasile kodwa odlala indlala nephango ngokufuna ukuphikisa okwedlozi bese esuthisa isisu sakhe, kube umakhosi oneqiniso nowazi okufunwa yidlozi.
Baningi abathunywa kanjena ekugcineni badlale izilambi nezinswelaboya okwenza umsebenzi wedlozi ungaphinde uhlonipheke. Ngiyazi ukuthi basekhona ogobela nomakhosi abasafana nogogo uMatobhana kodwa asithandazele ukuthi bande ukuze umsebenzi wedlozi uhlonishwe nayisizukulwane sase-Afrika.
ASIPHAHLE
“Esebuya entabeni wafica abafundi bakhe belele wabuza wathi: “Kodwa beningelinde”
Bhedlindaba: 033 569 1317/079 7471 911.