UNGENE kwelinye igiya umkhankaso we-ANC wokhetho ngemuva kokwethulwa kwendiza enophephela emhlane enefulegi elinobuso bukaMengameli uMnuz Cyril
Ramaphosa.
Le ndiza isuke esikhumulweni sezindiza ezincane iVirginia eThekwini yaya ngaseMhlanga lapho ekade izulazula khona ilengise ifulegi
lenhlangano.
Ukwethulwa kwale ndiza kuyingxenye yomkhankaso wokhetho namalungiselelo omgubho omkhulukazi iJanuwari 8, ezoba senkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida.
Okhulumela i-ANC esifundazweni uNkk Nomagugu Simelane-Zulu uthe inhloso yokwethula le ndiza ukuqala umkhankaso wabo wokhetho lwanonyaka nokwenza amalungiselelo omgubho wemicimbi kazwelonke ozoba sesifundazweni, iJanuwari 8.
Uthe enye inhloso yokwethula le ndiza ukukhumbuza abantu ukuthi kumele bovotela i-ANC okhethweni.
“Sifuna ukunxenxa nezivakashi senze ukuthi kube nesasasa njengoba senza amalungiselelo omcimbi weJanuwari 8,” kusho uNkk Simelane-Zulu.
I-ANC izoya okhethweni inezibazi kulandela ukulimala okhethweni lohulumeni bezindawo obelungo-2016, lapho kwaqopheka umlando ngesikhathi ilahlekelwa imikhandlu emithathu emikhulu ezweni okuyiTshwane, Johannesburg neNelson Mandela
Bay.
Lolu khetho lubaluleke cishe ukwedlula zonke izinketho esezike zaba khona ezweni njengoba kubhekwe ukuthi uKhongolose uzokwenza kanjani kulandela ukungenzi kahle ngo-2016.
Amaqembu aphikisayo abophe itulo lokuzama ukwehlisa amandla e-ANC abe ngaphansi kuka-50%, khona kuzoba khona uhulumeni wobambiswano.