Siwashiye engqubuzana amaNazaretha amaningi isenzo somholi wawo uNyazilwezulu, okuthiwa akaphumanga ngesikhathi owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, ezocela isibusiso entabeni iKhenana.
Kumanje ibandla lisemhlanganweni kaJanuwari, osentabeni.
Isolezwe Ngempelasonto lihoshe ngemithombo engaphakathi ukuthi kube nokudideka ebuholini bebandla ngoba kukhona abakholelwa wukuthi akuvamile ukuthi uNyazi lungababoni siqu abaholi abasuke bezokwethula izicelo zabo. Izingqapheli ngaphakathi zithi kunamakholwa azifelayo ngoMsholozi enyela ngokungaveli koNyazi ngesikhathi kufika lo mholi osanda kuveza ukuthi uzovota neqembu elisha uMkhonto Wesizwe.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, ukuqinisekisile ukuthi uNyazi alubanga khona sekukhuluma uZuma, wathi akulona iqiniso ukuthi lwahlehlela umholi.
“Kunesizathu (uNyazi lungabonananga noZuma),” kuchaza uMncwabe.
“Ngesikhathi kufika uZuma kuqondane nezinhlelo zamaNazaretha ezisuke zidinga umholi uma esentabeni. Uma kuyisikhathi sazo, umholi akumele ahlale ngisho ngabe kukhona isivakashi esibalulekile, ugxila kuzona. Ngeke ngikwazi ukuzidalula izinto ezenze inkosi uNyazi ihambe ngoba ziyimfihlo kodwa okunye kwakho, Isimayo. Umholi akavumelekile ukuchema namaqembu epolitiki futhi ungubaba wawo wonke amaqembu akhona.”
Okunye okuveleya ukuthi neSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini, asibange sisafika entabeni njengalokhu kwakumenyezelwe. Indlulamithi kwakubhekwe ukuthi ifike ngosuku olufanayo okwatheleka ngalo uZuma.
Okhulumela iSilo, uMntwana u-Afrika, uthe amanga osuthu ukuthi iSilo sike saya entabeni sajika endleleni. Uthe asizange silubhade ngenxa yokuthi besingesihle (empilweni) futhi kunencwadi kadokotela esiyalela ukuthi siphumule. Uthe nasemcimbini wemiphumela ka-matric asiyanga ngenxa yakho ukudunguzela.
UMncwabe walile ukuphawula odabeni lweSilo, wathi ngeke akwazi ngoba abakaze bengatshelwa uma siza kodwa basibona sesifika entabeni.
Umthombo weSolezwe Ngempelasonto uthe bekuqala ukuthi uNyazi lushiye umholi eze kulona.
Umhlaziyi wezepolitiki uSolwazi Bheki Mngomezulu, uthe abantu kumele bazibuze ukuthi kusho ukuthini okwenziwe yiSilo noNyazi.
“Ngokwazi kwami uNyazi akumele lucheme namaqembu epolitiki. Lokhu olukwenzile kukhona ukuthi seluzifake kuyona okuyinto engafanele njengomholi webandla lamaNazaretha. Kuyacaca ukuthi uhambisana nobani ngoba wezwakala ethi akunikwe i-ANC ithuba, into okwakungamele ishiwo ngumholi osezingeni lakhe. Okwenziwe nguZuma akuyona into entsha, baningi abaseke bashiya kwi-ANC kodwa abakaze baxwaywe muntu ngalokho,” kuchaza uMngomezulu.
Akukudala uNyazi kade luhambele uMsholozi emzini wakhe eNkandla ngasekupheleni konyaka odlule, okwenza abaningi bangakholwa ukuthi lo mholi usengaba nenxa noZuma. Okuphawulekayo ukuthi ngaleso sikhathi uZuma wayengakamemezeli ukuthi akazoyeseka i-ANC okhethweni oluzayo, kodwa uzonxenxa abantu ukuba bavote ne-MK. Lesi simemezelo wasenza mhla ka-16 Disemba eGauteng.
Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndlela uthe akukho okubi ngokungabonani koNyazi noZuma kwazise babeke babonana ngasese ngosuku olwandulela ukutheleka kukaZuma ngalolu suku entabeni.