UKHUNGATHEKILE umndeni kuduka ilungu lawo ebelisesibhedlela esiseXobho, iChrist The King.
Kubikwa ukuthi uNkk Buyaphi Makhosazane Shozi (62), uduke ngesikhathi esesibhedlela.
Owomndeni uMnuz Velani Shozi, uthe ugogo ungeniswe esibhedlela ngemuva kokuba exinwe yisifo sikashukela.
Uthe bathuke koma nasozwaneni ngesikhathi bethola ucingo oluvela kulesi sibhedlela obelubazisa ngokuthi udukile ugogo.
"Kumane kwaduma amakhanda nje kithina. Namanje amakhanda ethu ayaduma ngoba asazi ngempela ukuthi mhlola muni lo osivelelelayo lapha ekhaya,'' usho kanje uMnuz Shozi.
Uveze ukuthi abazange bapholise maseko ngemuva kocingo baphuthume khona esibhedlela nokuyilapho omunye wabaphathi ehlale phansi nabo wabachazela ngokuduka kwesiguli sabo.
"Lo mphathi ebesikhuluma naye uthe bazokwenza konke okusemandleni abo ukuqinisekisa ukuthi siyatholakala isiguli sethu. Thina sifuna bazi nje ukuthi siyamdinga ugogo wethu. Ngeke phela umuntu wethu amane aduke nje esibhedlela, kuphele nje kanjalo,'' usho kanje ezwakala ukuthi unokukhathazeka okukhulu.
Uthe basola ubudedengu besibhedlela ngale nkinga asebezithola bebhekene nayo njengomndeni.
"Ukube isibhedlela senza yonke into ngendlela efanele ngikholwa ukuthi ngabe asizitholi sibhekene nale nkinga ekhona manje,'' usho kanjena.
Uqhube wathi sebekhulekela ukuthi ugogo atholakale esadla anhlamvana. "Amathemba ethu wonke sesiwabeke kuNkulunkulu kuphela.“
Owomnden ukhale kakhulu ngokuthi kubi ukuduka komuntu ovele ongaphilile kahle emzimbeni. Uthe bashawa uvalo uma becabanga ngokungase kwenzeke.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu Natal, uMnuz Ntokozo Maphisa uthe:Imininingwane yethu iyakhombisa ukuthi isiguli sesifazane sifikile esibhedlela Kodwa asingeniswanga emagumbini abagulayo ngoba besizolashelwa ngaphandle. Eqinisweni besizogibela isithuthi seziguli esiya eHarry Gwala Regional Hospital, eMgungundlovu.''
UMaphisa uthe sebexhumanile nesibhedlela iHarry Gwala, sabazisa ukuthi nakubona sigcine singazange sifike isiguli.